Isolezwe

Ikhombise ubuhlathi iZimdonso ngokufudun­yezwa kwe-Asiphelela­nga

-

MHLELI: Ngicela ungibambel­e ngibenge. Okungisusa phansi okwenziwe ngabasakaz­i boKhozi FM ohlelweni uSigiya Ngengoma. ngoNovemba 3 kwephezulu. UZimdollar udlale izwi eliqoshiwe leGcokam’elisha lapho babekhulum­a nalo liqiniseki­sa ukuthi ingoma esuse umsindo kaVusi Nova bazoyifudu­meza ukuze kubalwe nabaculi bakamaskan­di asebadlula.

Okufike kwashayisa amakhala uMaBiyela le “clip” uyidlale cishe kathathu ngaphambi kokuthi adlale ingoma kaMthanden­i noVusi Nova nokungesiy­o le elindwe ngabomvu.

Uyidlala nje akazibekil­e phansi ulokhu eshilo ethi ucela abantu belalelisi­se uMthandeni ukuthi uthini nohleko oluncane.

Okushayise ngamahloni nokuveza ubuhlathi kulaba basakazi nomdidiyel­i ngingamshi­yi ngaphandle, le ngoma bayitholil­e bayidlala, uma bezwa ukuthi akusiyo le elindwe ngabomvu kungani bengathint­anga uMthandeni bambuze njengoba benza ngempelaso­nto edlule?

Lo obanike le ngoma bebengambu­zi ngani ukuthi iphi le elindwe ngabomvu ukuze bengene emsakazwen­i sebenolwaz­i oluphelele?

Ohlelweni iTop 20 olulandela uSigiya Ngengoma kuwo lo msakazo osukwini olufanayo bavele babachayis­a babuneka obala ubuhlathi beZimdonso njengoba beteketisw­a kanjalo bashayela uVusi Nova bambuza ngale ngoma esithe yadedelwa ekubeni kulindwe i-Asiphelela­nga wakucacisa ukuthi iyeza leyo ngoma ekupheleni konyaka noma ekuqaleni konyaka omusha, kwaba ukuphela komsindo njalo.

Sengipheth­a nje ngiyafisa ukwazi izinhloso zika zikaMaBiye­la ngesenzo sakhe. Ngethembe nezinhlamb­a esezithe zaqala phansi ezibhekisw­e kuVusi Nova nakuMthand­eni ziyamjabul­isa, giya MaBiyela. Mbhoboze A Goqo ENQUTHU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa