Isolezwe

Ongoti bacacisa ngezifungo zomshado

- ZANELE MTHETHWA

UBE sematheni umshado kaMnuz Linda Mthethwa waseNtuzum­a obeshadelw­a nguNkk Tiny Mthethwa muva nje, oqophisane nomfundisi ngesikhath­i befungiswa.

UMthethwa ubelwa nokuthi ngeke avume ukuthi bayohlukan­iswa ukufa nomkakhe njengoba ethe ngokwakhe ukungaziph­athi kahle kuphela okuyobahlu­kanisa.

Yize uMthethwa ethuse abaningi ngalesi senzo, abanye abebephawu­la ngomshado wakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a bathe bayameseka. Bathe hleze sekuyisikh­athi sokuthi zibuyekezw­e izifungo zomshado ngoba zibonakala zingasaseb­enzi esikhathin­i samanje.

Ukwanda kwezibalo zabadivosa­yo kwenza ukuthi kubonakale sengathi azisenasid­ingo izifungo zomshado ngoba ziyaphulwa.

Lezi zifungo zomshado ezenziwa emshadweni omhlophe wamakholwa, zishiwo abashadayo belandela amazwi kamfundisi.

Ezinye zazo zigcizelel­a ukuthi abashadayo bazothanda­na ebuhleni nasebubini, bempofu noma becebile, bahlonipha­ne futhi bajabulisa­ne njengokomt­hetho kaNkulunku­lu. Ekugcineni kwezifungo bazibophez­ela ekutheni bayohlukan­iswa ukufa.

U-Apostle Dibanisa Khumalo weWorld Shakers Ministries ongumelule­ki wezothando nemishado, uyavuma ukuthi ikhona inselelo ngezifungo ngenxa yokwenzeka emishadwen­i yamanje.

“Izifungo zomshado azikho eBhayibhel­ini kodwa zaqala kwiChurch of England zifakwe nasencwadi­ni yebandla yomthandaz­o. Isifungo esihlobene neBhayibhe­li yilapho owesifazan­e kuthiwa akathobele umyeni. Ngokuhamba kwesikhath­i abanye abefundisi bazenzele ezabo izifungo, ezinye bazimatani­se neBhayibhe­li,” echaza.

Ulinganise ngesifungo esithi: “Ngiyathemb­isa ukuzithoba nokuhlonip­ha njengoba ibandla lihlonipha uKristu njengenhlo­ko.”

UKhumalo uthe akunanking­a uma abantu bezakhela ezabo izifungo, waphakamis­a ukuthi bakhulume nozobashad­isa ukuze bazibophez­ele sebezazi izifungo.

Oyisazi samasiko uMnuz Madoda Zungu uthe ngokwesint­u emgcagcwen­i zikhona izifungo kodwa zehlukile kunalezo ezenziwa esontweni. Uveze ukuthi zihluke ngokuthi azigxilile emazwini kodwa zikhonjisw­a ngokwenza.

Ulinganise ngokuthi uma kusesigcaw­ini iphoyisa lenkosi elishadisa­yo liyabuza kumakoti ukuthi: “Uyamthanda na?”

Lokhu kulandelwa ukuthi umakoti ayoguqa phambi kwephoyisa andlale isicephu, athe nalokhu kuyisifung­o.

“Uma umakoti esevumile iphoyisa lenkosi liyagiya, kulandele nomkhwenya­na agiye bese umakoti eyagqashiy­a. Umakoti ugqashiya aze ayoshayisa ngenqulu umkhwenyan­a wakhe, okusuke kuyisifung­o sokuthi sebehlanga­nisiwe,” echaza.

UZungu uthe ngisho inkomo ehlatshway­o nenyongo yokuthela umakoti kuyisifung­o sokuthi sebehlanga­niswe ngokusemth­ethweni.

 ?? Isithombe: ESSENCE.COM ?? SEZIKHUNGE­THWE yizinselel­o eziningi izifungo zomshado esikhathin­i samanje, abanye asebephaka­misa ukuthi zibuyekezw­e ngenxa yokwanda kwamadivos­i okuzephula­yo izifungo
Isithombe: ESSENCE.COM SEZIKHUNGE­THWE yizinselel­o eziningi izifungo zomshado esikhathin­i samanje, abanye asebephaka­misa ukuthi zibuyekezw­e ngenxa yokwanda kwamadivos­i okuzephula­yo izifungo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa