Bakhala ngokushaywa amaphoyisa abamangalelwa
ABAMANGALELWA ababili ecaleni lokubulawa kukaPhiwayinkosi “Macala” Mhlongo (15), owanqunywa ikhanda eMlaza bakhale ngokuthi bashaywa bahlukunyezwa baphoqwa ukuba benze izitatimende ngokubulawa kukamufi.
Izolo, eNkantolo eNkulu yaseThekwini kuqhubeke ukuqulwa kwecala elibhekene noMnuz Thulasizwe “Thula” Nene (18), Njabulo “Nzure” Mbatha (23), Njabulo Mhlongo (20), Simphiwe “Maviva” Ntshangase(18), Luyanda “Lu” Zulu (20), nomunye oneminyaka engu17 igama lakhe elingeke lidalulwe ngenxa yeminyaka yakhe.
UNjabulo Mhlongo noLuyanda ngemilomo yabameli babo baveze ukuthi bona bazoziphika izitatimende okuthiwe bazenza ngaleli cala.
Laba bathi bona abazange bafundelwe amalungelo abo futhi bashaywa ngamaphoyisa ngaphambi kokuba benze izitatimende ezithinta leli cala, uZulu yena wayiswa kokhomba indawo yesigameko.
Bathi bahlukumezeka, okwenzeka kwakuphambene namalungelo abamangalelwa.
Umshushisi kuleli cala u-Advocate Krishen Shah ube esebiza iphoyisa elaligade lapho kwatoka khona abamangalelwa.
UWarrant Officer Siphiwe Nxumalo osebenza esiteshini saseMlaza uthule ubufakazi obuthi yena akazange ababone abamangalelwa beshayiwe.
“Ngesikhathi befika nephoyisa elababopha sabhala phansi ukuthi babengalimele emzimbeni njengoba sasingaboni lutho emzimbeni yabo. Noma sesibheka iziboshwa ngesikhathi sokuzinikeza ukudla nesikhathi sokuzibheka sizibale akekho owakhala ngokuthize okungamphethe kahle,” kusho uNxumalo.
Ijaji Mokgere Masipa kulindeleke ukuba lethule isinqumo ukuthi izitatimende okuthiwa zenziwa ilaba bamangalelwa, ngabe zizosetshenziswa yini njengengxenye yobufakazi kuleli cala noma cha.
UPhiwayinkosi wabulawa ngonyaka odlule ngo-Ephreli 4, ikhanda lakhe latholwa lilahlwe kwenye indawo eMlaza, isidumbu sakhe satholwa esikoleni eManyuswa Primary.
Ezinye zezicubu zakhe okubalwa isitho sangasese kwatholwa komunye umuzi. Leli cala liyaqhubeka nokuqulwa. Bangu-40 ofakazi ababhalwe ohlwini lwencwadi yamacala ukuthi bazokwethula ubufakazi.