Bafuna kukhululwe amadoda aboshiwe
ABANYE babantu baseNgonyameni bafuna kudedelwe amadoda asolwa ngokuphehla udweshu ngesikhathi kunombhikisho owaholela ekushisweni kwenkantolo eNgonyameni.
Bakusho lokhu emuva kokuvela enkantolo yeMantshi eMlaza koMnuz Sibusiso Khomo (31) noQiniso Khomo (27), okuthiwa baba nesandla embhikishweni owagcina unodlame abantu bekhala ngokungabinawo amanzi.
Kwashiswa inkantolo yenkosi yesizwe sakwaCele, iVumengazi Traditional Court, kwalinyazwa nemoto yamaphoyisa ngesikhathi abantu bevala imigwaqo.
Izolo amalungu omphakathi abegcwele ngaphandle kwenkantolo athe afuna bakhishwe oKhomo okuthiwa bayathinteka othuthuveni olwabakhona ngesikhathi kunombhikisho.
Kuthiwa bahlanu abantu asebeboshiwe ngoba bethinteka othuthuveni. Ababili babo kuthiwa basanda kunikwa ibheyili kwasala oyedwa ogcinwe ejele laseWestville nalaba ababili abebevele izolo. Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngoMsombuluko ozayo.
Amalungu omphakathi athe kawaqondi ukuthi kungani kuboshwe laba ababoshiwe kuphela. Wona afuna kuboshwe wonke amalungu omphakathi ngoba abantu ababebhikisha babebaningi.
“Abantu ababebhikisha nabashisa inkantolo babebaningi kabi. Kwakubhikisha umphakathi futhi kwashisa umphakathi. Sifuna badedelwe laba ababoshiwe. Thina sasibhikishela ukuthi sibe namanzi. Sasibhikisha siwumphakathi ngakho kungcono basibophe sonke bangakhethi abantu abathile,” kusho ilungu lomphakathi.
Elinye ilungu lomphakathi lithe kumanje awekho amanzi kodwa ake aba khona ngesikhathi bebhikisha. Lithe amanzi afike abe khona uma kubhikishwa bese ephinde evalwa angabe esaphuma kompompi kodwa bangaziswa ukuthi kwenzekeni.
Amalungu omphakathi abengaphandle kwenkantolo abecula ethi afuna amanzi kodwa amaphoyisa ayawabopha. Abanye bebethi uma bengadedelwa ababoshiwe isimo kungenzeka singalawuleki.
Noma icala kuqalwe ngalo enkantolo, amalungu omphakathi ahlale enkantolo kwaze kwadlula u-12 emini edingida udaba lokuzamela abangaphakathi ibheyili. Athe azimisele ngokuthi ahlanganise imali yebheyili ezodingeka ukuze baphume – uma bezogcina beyinikiwe ibheyili.