Luza kahle uhlelo lokulethwa kwemishanguzo emphakathini
ZILINGANISELWA ku-1.7 million iziguli esezithola imishanguzo yazo eduze kwamakhaya azo KwaZuluNatal.
Lokhu kungenxa yohlelo olwethulwe nguMnyango wezeMpilo lokuletha imishanguzo eduze kwalapho okuhlala khona iziguli ukuze zingahlali isikhathi eside emitholampilo nasezibhedlela zilinde imishanguzo.
Lolu hlelo luvumela ukuthi iziguli zikwazi ukulanda imishanguzo emahholo, amakhemisi ezinkantolo zamakhosi nakwezinye izindawo eziseduze kwazo.
UNgqongqoshe wezeMpilo eKZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo uthe bajabule ngendlela oluhamba ngayo lolu hlelo. “Sijabule kakhulu ngempumelelo yalolu hlelo. Kusho ukuthi iziguli zethu ezilashelwa umfutho ophezulu, isifo sikashukela, amathambo, igciwane lengculazi nezinye izifo baya kanye emuva kwezinyanga ezintathu kuphela ezikhungweni zezempilo ukuyolanda imishanguzo yabo. Ngaphandle kwalokhu bayilanda eduze kwasemakhaya abo emahholo, nasezinkantolo zamakhosi nezinye izindawo eziseduze nabo.”
Uthe imishanguzo isuke isipakishiwe futhi indlela epakishwa ngayo ibukeka ifana yonke ukuze kugwemeke ukucwaseka kwabantu ngokwezifo ezibaphethe. Abanye abantu abakwazi ukubona ukuthi umuntu usuke ezolanda imishanguzo yani.
UDhlomo uqhube wathi lolu hlelo lwenze umehluko omkhulu ezikhungweni zezempilo ngoba lwehlise olayini lwanciphisa nokugcwala ezikhungweni zezempilo.
Unxuse abantu ukuthi babe yingxenye yalolu hlelo ukuze bakwazi ukusizakala ngokuthola imishanguzo eduze bangalindi isikhathi eside ezikhungweni zezempilo.