Isolezwe

ITheku namabhasi azothutha izivakashi

- INTATHELI YESOLEZWE

IZIVAKASHI eziza eThekwini ngamaholid­i kaDisemba zizophathw­a ngezandla ezintofont­ofo njengoba namhlanje uMasipala weTheku uzokwethul­a amabhasi amasha athutha izivakashi abizwa ngoRiksha.

Amabhasi oRiksha ahambisa izivakashi eThekwini ukuze zibone izindawo ezehlukene futhi enza kube lula ukuthi izivakashi ziye ezindaweni ezikude namahhotel­a kodwa ezikhonzwe ngabantu baleli dolobha.

IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ithe ifuna ukwandisa isibalo sezivakash­i eziza kuleli dolobha yingakho izokwethul­a amabhasi amasha namhlanje.

“Sisebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi izivakashi ziyabuya eThekwini ngaso sonke isikhathi.

“Ukuzethule­la amabhasi amasha kusho ukuthi zizokwazi ukuba amanxusa ethu uma sezibuyela emakhaya azo.

“Ukuhamba ngeRiksha kuyindlela yokubona idolobha lethu ngoba izivakashi azigcini emahhotela nasezindaw­eni ezigudle ulwandle kodwa ziyiswa nasemaketh­e nakwezinye izindawo ezinomland­o weTheku.

“Lokhu kwenza zingalikho­hlwa iTheku zibone konke,” kusho uNkk Gumede.

Uthe ukwethulwa kwamabhasi amasha ezivakashi kuyingxeny­e yezinhlelo zophiko lwezokuvak­asha, iDurban Tourism.

Uthe izivakashi ngeke zigcine enkabeni yeTheku kodwa zizoya emalokishi­ni nasemakhay­a ukuze abantu bahlomule ngokufika kwezivakas­hi kuleli dolobha.

Amabhasi amasha eRiksha azosuka ehhovisi lezivakash­i eliseNorth Beach aye kuzo zonke izindawo zeTheku kusukela enyakatho, entshonala­nga kuya eningizimu.

Kuzothatha amahora amathathu kuya kwamahlanu ukuthi izivakashi zifunde ngeTheku.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa