ITheku namabhasi azothutha izivakashi
IZIVAKASHI eziza eThekwini ngamaholidi kaDisemba zizophathwa ngezandla ezintofontofo njengoba namhlanje uMasipala weTheku uzokwethula amabhasi amasha athutha izivakashi abizwa ngoRiksha.
Amabhasi oRiksha ahambisa izivakashi eThekwini ukuze zibone izindawo ezehlukene futhi enza kube lula ukuthi izivakashi ziye ezindaweni ezikude namahhotela kodwa ezikhonzwe ngabantu baleli dolobha.
IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ithe ifuna ukwandisa isibalo sezivakashi eziza kuleli dolobha yingakho izokwethula amabhasi amasha namhlanje.
“Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi izivakashi ziyabuya eThekwini ngaso sonke isikhathi.
“Ukuzethulela amabhasi amasha kusho ukuthi zizokwazi ukuba amanxusa ethu uma sezibuyela emakhaya azo.
“Ukuhamba ngeRiksha kuyindlela yokubona idolobha lethu ngoba izivakashi azigcini emahhotela nasezindaweni ezigudle ulwandle kodwa ziyiswa nasemakethe nakwezinye izindawo ezinomlando weTheku.
“Lokhu kwenza zingalikhohlwa iTheku zibone konke,” kusho uNkk Gumede.
Uthe ukwethulwa kwamabhasi amasha ezivakashi kuyingxenye yezinhlelo zophiko lwezokuvakasha, iDurban Tourism.
Uthe izivakashi ngeke zigcine enkabeni yeTheku kodwa zizoya emalokishini nasemakhaya ukuze abantu bahlomule ngokufika kwezivakashi kuleli dolobha.
Amabhasi amasha eRiksha azosuka ehhovisi lezivakashi eliseNorth Beach aye kuzo zonke izindawo zeTheku kusukela enyakatho, entshonalanga kuya eningizimu.
Kuzothatha amahora amathathu kuya kwamahlanu ukuthi izivakashi zifunde ngeTheku.