UMokete ufisa ukulandela kuPitso noBenni
UMQEQESHI osafufusa uMokete Tsotetsi unesifiso sokuhamba ezinyathelweni zikaPitso Mosimane noBenni McCarthy abangabanye abaqeqeshi abebengabadlali asebenqobe izicoco eNingizimu Afrika.
UMokete, owayeyisitobha seKaizer Chiefs neJomo Cosmos eminyakeni edlule, upheka iMaccabi FC edlala kwiNational First Division (NFD). Leli qembu ulikhuphule lidlala kwi-ABC Motsepe League njengoba eselifake kwiPremier Soccer League (PSL).
Konke lokhu ukwenze egabe ngesitifiketi seSafa D License.
UMosimane usenqobe izicoco ezintathu zeligi neMamelodi Sundowns kumasizini amahlanu neCAF Champions League. Kuyimanje umatasa nokufundela iCAF Pro License okuyisona isicucu esiphezulu e-Afrika kwezokuqeqesha.
UMcCarthy, okuyisizini yakhe yesibili eqeqesha esigabeni esikhulu kuleli, usanda kunqoba isicoco sakhe sokuqala iCape Town City idla iMTN 8. Ngesonto eledlule uMcCarthy kade egogoda kwiUefa Pro License okuyisicucu esiphezulu ongasithola emhlabeni njengomqeqeshi.
“Ukuqeqesha kumele kube yinto oyithandayo ngoba akulula. Uma ngibuka abaqeqeshi abasebancane njengoBenni noPitso Mosimane futhi abebengabadlali, lokho kuyangikhuthaza njengoba kukhona asebekuzuzile futhi basaya ngokudlondlobala. Ngiyagqugquzeleka ngokuthi nami kusho ukuthi ngingafika ezingeni labo uma ngisebenza ngokuzinikela. Kuhle ukubona isizukulwane esidala sisiza ekusizeni abadlali abasebasha. Ngiyethemba ukuthi kuningi engisazokufunda kubona,” kusho uTsotetsi.
Uthe ukuqeqesha akumele ukuhlomekele ngoba nakhu uthi ulidlalile ibhola. “Kwesinye isikhathi uqinisa ikhanda ungafuni ukufunda ngoba uthi uyakwazi ukulidlala ibhola. Kodwa kusukela ngenze i-D License uyabona ukuthi kuningi okudinga ukuchazele abadlali futhi bakuqonde obungakwazi.”
Isitebhu esilandelayo sikaTsotetsi yize engajahile wukufaka iMaccabi kwi-Absa Premiership.
“Esizibekele khona okwamanje wukugcina indawo yethu kwiNFD kodwa uma sehlelwa yimana sizoyamukela. Kwazi bani mhlawumbe singayithola indawo kweyokuhlunga,” kusho uTsotetsi.
NgoMgqibelo iMaccabi izodlala no-Uthongathi FC eDobsonville Stadium ngo-3.30 ntambama. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama: Real Kings v Cape Umoya United (Sugar Raty Xulu Stadium); Witbank Spurs v Ajax Cape Town (Puma Rugby Stadium); Stellenbosch FC v Jomo Cosmos (Cape Town Stadium); Maccabi FC v Uthongathi FC (Dobssonville Stadium); TS Sporting v Richards Bay (KwaBokweni Stadium)
NgeSonto: TS Galaxy v University of Pretoria (Kameelrivies Stadium, 3.3pm).