Isolezwe

Sifisa owabakhaya uze eMabhida – Mazibuko

- NDUDUZO DLADLA

IMENENJA yenkundla yodumo eThekwini, iMoses Mabhida Stadium, uVusi Mazibuko, inethemba lokuthi umdlalo wabakhaya owandulela owamanqamu kwiTelkom Knockout (TKO), uzodlalelw­a kule nkundla ngempelaso­nto yangoNovem­ba 24.

IKaizer Chiefs ithole umdlalo wasekhaya kulo mqhudelwan­o lapho izobhekana ne-Orlando Pirates, okuyimpind­a yomdlalo wabakhaya njengoba emasontwen­i ambalwa edlule bezidudula­na koweAbsa Premiershi­p nalapho iPirates inqobe ngo 2-1.

Ngo-2014, la maqembu adlalele umdlalo wamanqamu weMTN 8 kule nkundla. IChiefs yanqoba lowo mdlalo ngo 1-0 wegoli likaTefu Mashamaite. Ngaphandle nje kwalokho, iMabhida, iyinkundla eyakhiwa ngesikhath­i kulungisel­elwa iNdebe yoMhlaba ngo-2010.

Isike yakwazi ukusingath­a imiqhudelw­ano emikhulu esezingeni lomhlaba, kanti ngeledlule isingathe imidlalo emibili yama-quarter final, owaMaZulu FC nePirates noweChiefs neSuperSpo­rt United.

“Siyafisa ukuthi umdlalo uze eMabhida, ngoba asiphoxi neze uma sisingethe imidlalo ewulolu hlobo. Iqiniso ukuthi akuncikile kithina kodwa kuncike kwiPremier Soccer League (PSL) ukuthi umdlalo izowuyisa kuphi,” kusho lesi sikhulu esingakufi­hlanga ukuthi banobudlel­wano obuhle neChiefs njengoba besingatha eminye yemidlalo yayo yasekhaya.

Umqeqeshi waMakhosi, uGiovanni Solinas, akazange ananaze ngesikhath­i ebuzwa ukuthi angakujabu­lela yini ukududulan­a neZimnyama eMabhida.

“Njengamanj­e ezami azesabi muntu noma ngabe kuthiwa iyiphi inkundla. Ukuphendul­a nje kwengikubu­ziwe (mayelana nokuletha lo mdlalo eMabhida), impendulo ithi yebo, singakujab­ulela ukudlalela lo mdlalo kule nkundla,” usho kanje uSolinas ngemuva komdlalo neSuperSpo­rt eMabhida.

Ngokwejway­elekile umdlalo wabakhaya udlalelwa eFNB Stadium okuyinkund­la enkulu kunazo zonke kuleli. Phakathi kwezizathu eziyaye zibekwe yiPSL, kuba ngezokuphe­pha nomthamo wabantu abasuke befuna ukuzobuka lo mdlalo omkhulukaz­i e-Afrika.

Izolo kusabalale imibiko yokuthi iFNB ingase isingathe omunye umcimbi othinta ezokholo ngoNovemba 24/25 okuyimpela­sonto okumele kudlalwe ngayo owabakhaya phakathi kweChiefs nePirates.

Lokhu kushiya iMabhida njengenkun­dla okuzodlale­lwa kuyona lo mdlalo obhekwe ngabomvu.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzobhekan­a iBaroka FC neBidvest Wits, okuyiyona evikela isicoco seTelkom Knockout. Imizamo yokuthola abaphathi beFNB Stadium ayiphumele­langa izolo.

UVina Maphosa okhulumela iChiefs uthe: “Ngiphuma emhlanganw­eni weqembu kodwa akukho sinqumo esesisitha­thile mayelana nomdlalo. Isimemezel­o singasenza noma yinini kusukela namuhla.”

 ??  ?? JOHNY MOGALADI
JOHNY MOGALADI
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa