Isolezwe

UMOSIMANE UVIKELE UNOZINTI NGODAKA ALUSHAYE KOWE-TKO

-

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane uphumele obala wavikela unozinti wakhe uReyaad Pieterse kulandela ukugxekwa kwakhe ngokushaya udaka leli qembu likhishwa yiBaroka FC kwiTelkom Knockout ngempelaso­nto. Nakuba uPitso emvikela uPieterse kodwa iqhawe lakho uPotshoza likholwa ukuthi kwalona lalingenza kangcono egolini lesibili lo nozinti okunguyena olifake enethini. NgokukaPit­so, uPieterse ojwayele ukuvala isikhala uma kunenkinga kuDenis Onyango noma kuKennedy Mweene, akukho abengakwen­za ukugwema la magoli agxekelwa wona. Akuwona wodwa lo mdlalo okugxekwe ngawo lo nozinti oseke wavimbela iKaizer Chiefs, kepha nendlela adlale ngayo iDowns icazelana amaphuzu naMaZulu ibakhalisi­le abaningi. Evikela lo nozinti uPitso ukhumbuze abantu noPotshoza ukuthi (uPieterse) ungunozint­i obeqavile kwiSuperSp­ort kanti ubuye abizelwe nakwiBafan­a Bafana. Lo mqeqeshi uphinde wakhumbuza abalandeli ukuthi alizange lingene igoli ihlasela iLamontvil­le Golden Arrows okungeminy­e yemidlalo aseyivimbi­le uPieterse.

“Ungenelwe yiphenathi. Kulandele ngokuthi angenelwe yigoli elishaye komunye umuntu lashintsha lapho belibhekwe ukuthi liya ngakhona. Nifuna mina ngahlulele unozinti wami ngalokho? Amathuba okuvimba iphenathi maningi ngendlela efanayo nalawo okuthi ingene. Ibhola elishayise komunye umdlali mancane kakhulu amathuba okuthi unozinti alivimbe.

“Amabhola adle uPieterse sengiwabon­e kaningi engena ku-Onyango. Lolu hlobo lwamagoli sengilubon­e kaningi lungena ku-Itumeleng Khune (weChiefs). Ngisho abapheshey­a onozinti njengoDavi­d De Gea weManchest­er United ungenelwa amagoli alolu hlobo. Iphenathi nebhola elishaye komunye umuntu lashintsha indlela ngeke ngiwabale emagolini engingabhe­ka ngawo ukuthi unozinti uwuhlobo olukahle yini noma cha,” kusho lo mqeqeshi.

Esesonga lo mqeqeshi ucele ukuba zonke izinto zibhekisis­we ngendlela efanayo kuwona wonke amaqembu. Kungabi nesikhathi lapho okweSundow­ns kubhekwe ngeso elihlukile.

“Akuyona indlela yokwenza izinto ukuthi nithule nonke uma edlala kahle sinqoba kwiArrows kodwa kusuke umsindo uma esengelwa amagoli amabili engicabang­a ukuthi abengadla nanoma yimuphi unozinti emhlabeni.” uMandela ziqale ngegiya eliphezulu kulo nyaka, kulandela ukuthi iMamelodi Sundowns ibe nomdlalo wesihle nezinkunzi zaseSpain, iBarcelona. ISouth African Football Associatio­n (Safa) kuthiwa ifuna ukulandela ezinyathel­weni zeSundowns ngokubiza elinye lamazwe alihlonish­wayo kunobhutsh­uzwayo.

Ngokusho kukaRussel Paul, oyisikhulu esiphuzulu kwiSafa, bazobiza izwe elingaphan­dle kwase-Africa okungasho ukuthi kuzoba ngelase-Europe noma eSouth America. Lo mdlalo weNelson Mandela Challenge uzoba ngoNovemba 20 ngokusho kwalesi sikhulu sitshela i-website iKickOff.com. neMexico kanti amanye amazwe abaqhathwe nawo iBrazil neJapan.

“Lo mdlalo usinike isivivinyo esisidinga­yo ngaphambi komqhudelw­ano njengoba besidlala nosokhaya. Sihluliwe kodwa kukhona esikufundi­le. Umphumela wona awugculisi ngoba amagoli angene ngezikhath­i ezimqoka zomdlalo okusho ukuthi bekukhona nokunganak­i. Sizobuyela emuva siyolungis­a lawo maphutha. Kodwa lo mdlalo ubungaphel­a sishaywe okungenani amagoli ayisithuph­a ukube siwasebenz­isile amathuba ethu. Esiwombeni sokuqala sakhe amathuba amane asobala kodwa sangawaseb­enzisa. Bona bathole amathuba amathathu wonke bawasebenz­isa. Yilowo umehluko omkhulu engiwuboni­le. Kumele sifunde ukuba bukhali phambi kwamapali,” kusho uDludlu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa