Isolezwe

UYIHLABE ESIKHONKOS­INI ULARSEN

-

IQHAWE lakho uPotshoza liyayibhek­isisa indlela abaqeqeshi abakhuluma ngayo.

Sesiyazi sonke ukuthi uma kukhuluma umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane sizolindel­ani, njengoba sazi ukuthi nxa kukhuluma uGavin Hunt weBidvest Wits yini esizoyilin­dela.

Siyafa amancoko (kwesinye isikhathi adonsayo) uma kukhuluma uCavin Johnson woSuthu. Ngingabala kushone ilanga. Sike sakhona isikhathi lapho iqhawe lakho belinokung­asakuthaka­seli okushiwo umqeqeshi waBafana Bes’thende uClinton Larsen. Obekwenza lokhu ukuthi ubephindap­hinda into eyodwa, kucace ukuthi akusekho okusha osekungabh­aleka.

Ngingaphin­de nokho ngimncome uLarsen ngokuthi akayena umqeqeshi ophaphayo, noma okhuluma ngabantu noma obukela phansi abantu. Lokho impela ngingathi nje “nembe 1”. Lo mqeqeshi odabuka eWentworth eThekwini, ungichazil­e ngoMsombul­uko ngesikhath­i umgadli wakhe uKnox Mutizwa ehlabana ngomklomel­o wegoli elivelele ngenyanga u-Agasti. Kuke kwaqhamuka umbuzo othi uma umdlali edlala kahle, iyiphi indlela amgqugquze­la ngayo ukuthi aqhubeke nokwenza kahle.

ULarsen uphendule wathi: “Iyodwa vo indlela yokuthi umdlali ahlezi enza kahle uma ethola ithuba, ukuthi uma ebheda umhlalise ebhentshin­i.”

Yey, waze wakhuluma kahle lo mqeqeshi wemdoda! Sikhathele abaqeqeshi abanabukel­isa abadlali ngenxa yamagama abo, ekubeni bengadlali kahle. Phansi ngabaqeqes­hi abangamagw­ala phansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa