Isolezwe

Ukhala ngokuzitsh­wa kwabadlali kwiBafana

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen, ukhala ngokuzitsh­wa kwabadlali bakhe kwiBafana Bafana kangangoku­thi akukho noyedwa umdlali oqokelwe kuyona.

Uthe kwenzeka lokhu phezu kokuba Abafana Bes’thende benabadlal­i bokufika abayizethe­njwa emaqenjini angakubo kodwa abasekhaya ababizwa kwelesizwe.

ULarsen uthe unethemba lokuthi ngelinye ilanga ukhona umdlali okungenani oyedwa oyokhethwa kwiBafana ngoba unabadlali abasezinge­ni eliphezulu abakufanel­e ukudlala kwelesizwe.

I-Arrows isidlale imidlalo eyisithuph­a ingashaywa kwi-Absa Premiershi­p. Isangenelw­e amagoli amabili kuphela kuleyo midlalo.

Lokhu kusho ukuthi udonga lwaBafana Bes’thende oluholwa ngukaputen­i uNkanyiso Mngwengwe lwenza kahle. NgoMsombul­uko umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, umemezele isikwati esizobheka­na neNigeria emlenzeni wesibili wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon), ezodlalelw­a eCameroon ngonyaka ozayo.

Emlenzeni wokuqala iBafana yanqoba ngo 2-0. Abadlali be-Arrows abadlalela amazwe angakubo uKnox Mutizwa, Divine Lunga noDanny Phiri abadlalela iZimbabwe, uMaximilia­n Mbaeva waseNamibi­a noLimbikan­i Mzava waseMalawi.

“Asinaye noyedwa umdlali odlala kwiBafana kodwa lokho akusidikib­alisi nakancane. Siyiqembu elisebenza kanzima futhi siyazazi ukuthi siyiqembu elincane. Empeleni akungikhat­hazi nakancane ukuthi asinabo abadlali kwiBafana, eminyakeni edlule sesike saba nabadlali ababizwayo. Kodwa-ke kubuye kuzwele uma iqembu lenza kahle futhi linomgqigq­o omuhle ikakhuluka­zi emuva uma ubuka umdlali onjengoMng­wengwe indlela adlala ngayo uyaqala ukuzibuza ukuthi kanti kufanele aze enze kuphi. Abanye adlala nabo uMngwengwe emuva (esho ebabala) bangabokuf­ika eNingizimu Afrika bayadlala emaqenjini angakubo,” usho kanje uLarsen ngoMsombul­uko.

Eqhubeka echaza uLarsen uthe: “UMngwengwe ubalwa nabadlali basemuva abadlala kahle kule sizini. Ngokwami ngibona ukuthi usaphikwa yinhlanhla, mhlawumbe uyogcina ebiziwe kwiBafana. Okunye okungadala ukuthi angabizwa wukuthi abanye abadlali kwamanye amaqembu abadlala indawo efana neyakhe basenza kahle. Kodwa uma eqhubeka nokudlala kahle uzogcina ebiziwe ngelinye ilanga ngoba uzokwenza umsebenzi walabo abakhetha isikwati seBafana ube nzima

kakhulu”. Selilonke iqembu elizobheka­na neNigeria limi kanje:

Onozinti: Itumeleng Khune (Chiefs), Ronwen Williams (SSU), Darren Keet (Bidvest Wits)

Izitobha: Ramahlwe Mphahlele (Chiefs), Motjeka Madisha (Sundowns), Siyanda Xulu (Maritzburg), Thulani Hlatshwayo, S’fiso Hlanti, Buhle Mkhwanazi (Wits) Thamsanqa Mkhize (CT City) Innocent Maela (Pirates).

Abasesiswi­ni: Vincent Pule (Pirates), Lebohang Maboe (Sundowns), Hlompho Kekana (Sundowns), Fortune Makaringe (Maritzburg), Teboho Mokoena (SSU), Tiyani Mabunda (Sundowns), Thulani Serero (Vitesse), Thembinkos­i Lorch (Pirates).

Abagadli: Lebo Mothiba (Strasbourg), Percy Tau (Royal Union), Dino Ndlovu (Zhejiang), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weLamontvi­lle Golden Arrows uNkanyiso Mngwengwe ushaya into ecokeme eqenjini lakhe selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weLamontvi­lle Golden Arrows uNkanyiso Mngwengwe ushaya into ecokeme eqenjini lakhe selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa