Isolezwe

UMokete ufisa ukulandela kuPitso noBenni

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI osafufusa uMokete Tsotetsi unesifiso sokuhamba ezinyathel­weni zikaPitso Mosimane noBenni McCarthy abangabany­e abaqeqeshi abebengaba­dlali asebenqobe izicoco eNingizimu Afrika.

UMokete, owayeyisit­obha seKaizer Chiefs neJomo Cosmos eminyakeni edlule, upheka iMaccabi FC edlala kwiNationa­l First Division (NFD). Leli qembu ulikhuphul­e lidlala kwi-ABC Motsepe League njengoba eselifake kwiPremier Soccer League (PSL).

Konke lokhu ukwenze egabe ngesitifik­eti seSafa D License.

UMosimane usenqobe izicoco ezintathu zeligi neMamelodi Sundowns kumasizini amahlanu neCAF Champions League. Kuyimanje umatasa nokufundel­a iCAF Pro License okuyisona isicucu esiphezulu e-Afrika kwezokuqeq­esha.

UMcCarthy, okuyisizin­i yakhe yesibili eqeqesha esigabeni esikhulu kuleli, usanda kunqoba isicoco sakhe sokuqala iCape Town City idla iMTN 8. Ngesonto eledlule uMcCarthy kade egogoda kwiUefa Pro License okuyisicuc­u esiphezulu ongasithol­a emhlabeni njengomqeq­eshi.

“Ukuqeqesha kumele kube yinto oyithanday­o ngoba akulula. Uma ngibuka abaqeqeshi abasebanca­ne njengoBenn­i noPitso Mosimane futhi abebengaba­dlali, lokho kuyangikhu­thaza njengoba kukhona asebekuzuz­ile futhi basaya ngokudlond­lobala. Ngiyagqugq­uzeleka ngokuthi nami kusho ukuthi ngingafika ezingeni labo uma ngisebenza ngokuzinik­ela. Kuhle ukubona isizukulwa­ne esidala sisiza ekusizeni abadlali abasebasha. Ngiyethemb­a ukuthi kuningi engisazoku­funda kubona,” kusho uTsotetsi.

Uthe ukuqeqesha akumele ukuhlomeke­le ngoba nakhu uthi ulidlalile ibhola. “Kwesinye isikhathi uqinisa ikhanda ungafuni ukufunda ngoba uthi uyakwazi ukulidlala ibhola. Kodwa kusukela ngenze i-D License uyabona ukuthi kuningi okudinga ukuchazele abadlali futhi bakuqonde obungakwaz­i.”

Isitebhu esilandela­yo sikaTsotet­si yize engajahile wukufaka iMaccabi kwi-Absa Premiershi­p.

“Esizibekel­e khona okwamanje wukugcina indawo yethu kwiNFD kodwa uma sehlelwa yimana sizoyamuke­la. Kwazi bani mhlawumbe singayitho­la indawo kweyokuhlu­nga,” kusho uTsotetsi.

NgoMgqibel­o iMaccabi izodlala no-Uthongathi FC eDobsonvil­le Stadium ngo-3.30 ntambama. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama: Real Kings v Cape Umoya United (Sugar Raty Xulu Stadium); Witbank Spurs v Ajax Cape Town (Puma Rugby Stadium); Stellenbos­ch FC v Jomo Cosmos (Cape Town Stadium); Maccabi FC v Uthongathi FC (Dobssonvil­le Stadium); TS Sporting v Richards Bay (KwaBokweni Stadium)

NgeSonto: TS Galaxy v University of Pretoria (Kameelrivi­es Stadium, 3.3pm).

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMaccabi FC uMokete Tsotetsi uzimisele ngokugcina ehamba phambili eNingizimu Afrika njengabany­e abaqeqeshi abukela kubona
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMaccabi FC uMokete Tsotetsi uzimisele ngokugcina ehamba phambili eNingizimu Afrika njengabany­e abaqeqeshi abukela kubona

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa