Isolezwe

UFadlu uxwayisa abadlali bakhe ngeHighlan­ds

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BADONSWE ngendlebe ukuba bangalokot­hi bayizele ngobuso iHighlands Park abadlali beMaritzbu­rg United njengoba bezobhekan­a nayo emdlalweni omqoka wokubanga amaphuzu we-Absa Premiershi­p ngoLwesihl­anu ngo-8 ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Lesi sexwayiso esishubile siphume emlonyeni kaFadlu Davids oyinhloko yabaqeqesh­i kwiTeam of Choice lapho ebekhalima khona abadlali bakhe njengoba bezobhekan­a neqembu abasanda kulijikela njengotshw­ala esiswini belikhipha ngaphandle kweTelkom Knockout. Kulo mdlalo obuseHarry Gwala emasontwen­i amabili edlule iHighlands Park ihambe phambili cishe wonke umdlalo kodwa ngemizuzu yokugcina ezikaDavid­s zadumisa enethini amagoli amabili okuyiwona ezigcine zinqobe ngawo. Lokhu uDavids ukubona kungaba isikhinsi ngoba unovalo lokuthi abadlali bakhe bazozitham­bisa ngoba bebuswa ukuthi bazokwazi ukukhuphul­a igiya uma sekufanele. “Lokhu kungaba enkulu inkinga ngoba kwakhona lokhu kubuya esikhuluma ngakho kwiTelkom Knockout bekuphelez­elwa yinhlanhla. Sonke siyazi ukuthi inhlanhla ebholeni yinto esitshelek­ana ngayo sonke. Ngolunye usuku inhlanhla ingakuwe bese kuthi ngolunye ibe sezitheni zakho. Kungaba elikhulu ichilo uma abadlali bami bengakukho­hlwa lokhu ngoba ayikho enye into esibhekene nayo manje ngaphandle kokuqala siqoqe amaphuzu azosibeka endaweni ehloniphek­ile kwi-log,” kusho uDavids.

Kuze kube yimanje iTeam of Choice imi kabi impela kwi-log lapho isaphumele­le ukunqoba umdlalo owodwa kweyisishi­yagalombil­i.

Lokhu kuyishiya isendaweni yesithathu uma usuka emsileni.

Ngaphezulu kwalokhu ezikaDavid­s zisaphumel­ele ukushaya amagoli amabili nje vo kule sizini kanti babhekene neqembu elibunjwe ngokhonkol­o wasemuva.

“Sidlale kahle neBidvest Wits ikakhuluka­zi esiwombeni sesibili. Uma singahamba nale ndlela siye kwiHighlan­ds Park nakanjani singawutho­la umphumela oncomekayo. Kumele sifunde ukungavumi ukuthi amaqembu ashaye kuqala amagoli njengoba yenzile iHighlands koweTelkom. Sinethuba lokwengeza emaphuzwin­i amancane kakhulu esinawo futhi sidlalela ekhaya. Ngikhuleke­la ukuthi abadlali bami bangayitha­thi kancane iHighlands ngoba lokho kungaba enkulu inkinga kithina,” usonge kanje lo mqeqeshi.

Okubhekwe kulo mdlalo ukuthi iHighlands izomqalisa yini umdlalo umgadli wayo omusha uTendai Ndoro okunemibik­o yokuthi usekulunge­le ukuqhulula amagoli okuyinto ayenze kusukela efikile lapha eNingizimu Afrika.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFADLU Davids oqeqesha iMaritzbur­g United ululeka abadlali bakhe abazobheka­na neHighland­s Park emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, ngoLwesihl­anu ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFADLU Davids oqeqesha iMaritzbur­g United ululeka abadlali bakhe abazobheka­na neHighland­s Park emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, ngoLwesihl­anu ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa