Sifisa owabakhaya uze eMabhida – Mazibuko
IMENENJA yenkundla yodumo eThekwini, iMoses Mabhida Stadium, uVusi Mazibuko, inethemba lokuthi umdlalo wabakhaya owandulela owamanqamu kwiTelkom Knockout (TKO), uzodlalelwa kule nkundla ngempelasonto yangoNovemba 24.
IKaizer Chiefs ithole umdlalo wasekhaya kulo mqhudelwano lapho izobhekana ne-Orlando Pirates, okuyimpinda yomdlalo wabakhaya njengoba emasontweni ambalwa edlule bezidudulana koweAbsa Premiership nalapho iPirates inqobe ngo 2-1.
Ngo-2014, la maqembu adlalele umdlalo wamanqamu weMTN 8 kule nkundla. IChiefs yanqoba lowo mdlalo ngo 1-0 wegoli likaTefu Mashamaite. Ngaphandle nje kwalokho, iMabhida, iyinkundla eyakhiwa ngesikhathi kulungiselelwa iNdebe yoMhlaba ngo-2010.
Isike yakwazi ukusingatha imiqhudelwano emikhulu esezingeni lomhlaba, kanti ngeledlule isingathe imidlalo emibili yama-quarter final, owaMaZulu FC nePirates noweChiefs neSuperSport United.
“Siyafisa ukuthi umdlalo uze eMabhida, ngoba asiphoxi neze uma sisingethe imidlalo ewulolu hlobo. Iqiniso ukuthi akuncikile kithina kodwa kuncike kwiPremier Soccer League (PSL) ukuthi umdlalo izowuyisa kuphi,” kusho lesi sikhulu esingakufihlanga ukuthi banobudlelwano obuhle neChiefs njengoba besingatha eminye yemidlalo yayo yasekhaya.
Umqeqeshi waMakhosi, uGiovanni Solinas, akazange ananaze ngesikhathi ebuzwa ukuthi angakujabulela yini ukududulana neZimnyama eMabhida.
“Njengamanje ezami azesabi muntu noma ngabe kuthiwa iyiphi inkundla. Ukuphendula nje kwengikubuziwe (mayelana nokuletha lo mdlalo eMabhida), impendulo ithi yebo, singakujabulela ukudlalela lo mdlalo kule nkundla,” usho kanje uSolinas ngemuva komdlalo neSuperSport eMabhida.
Ngokwejwayelekile umdlalo wabakhaya udlalelwa eFNB Stadium okuyinkundla enkulu kunazo zonke kuleli. Phakathi kwezizathu eziyaye zibekwe yiPSL, kuba ngezokuphepha nomthamo wabantu abasuke befuna ukuzobuka lo mdlalo omkhulukazi e-Afrika.
Izolo kusabalale imibiko yokuthi iFNB ingase isingathe omunye umcimbi othinta ezokholo ngoNovemba 24/25 okuyimpelasonto okumele kudlalwe ngayo owabakhaya phakathi kweChiefs nePirates.
Lokhu kushiya iMabhida njengenkundla okuzodlalelwa kuyona lo mdlalo obhekwe ngabomvu.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzobhekana iBaroka FC neBidvest Wits, okuyiyona evikela isicoco seTelkom Knockout. Imizamo yokuthola abaphathi beFNB Stadium ayiphumelelanga izolo.
UVina Maphosa okhulumela iChiefs uthe: “Ngiphuma emhlanganweni weqembu kodwa akukho sinqumo esesisithathile mayelana nomdlalo. Isimemezelo singasenza noma yinini kusukela namuhla.”