Isolezwe

Kufufusa isiteleka sabadlali kwiPolokwa­ne City

- NDUDUZO DLADLA

BANGASE bateleke abadlali bePolokwan­e City njengoba kuvela ukuthi iningi labo alikhokhel­iwe imali yokusayina futhi sekuphele iminyaka emibili.

Lokhu kuvezwe umengameli weSouth African Football Players Union (SAFPU), uThulagany­o Gaoshubelw­e, oveze ukuthi sebezame amahlandla amaningi ukungenele­la kulolu daba kodwa abaphathi beRise and Shine bayabaziba.

Ngokusho kukaGaoshu­belwe, kunabadlal­i abangakhok­helwe imali yabo sekuphele amasizini amabili. Lesi sikhulu sithe sebezamile njengenyun­yana ukuhlangan­a nabaphathi bePolokwan­e kodwa balokhu bethembise njalo ukuthi bazokhokha kungenzeki. “Ngokwejway­elekile imali yokusayini­sa abadlali ikhokhwa ngo-Agasti noma ngoJanuwar­i. Kukhona abadlali osekuphele amasizini amabili bengayitho­li imali yabo yokusayina. Lapha sibala abadlali abadlala eqenjini elikhulu, nakwiMulti­Choice Diski Challenge (MDC). Isimo sesingaphe­zu kwethu manje, uma abadlali bekhetha ukungasebe­nzi, bengena emgwaqweni sizobeseka njengenyun­yana ngoba sesikuzame konke kodwa lutho ukuthola imali yabo,” usho kanje uGaoshubel­we.

Elinye iqembu lePSL elibe nenkinga ecishe ifane, yiBloemfon­tein Celtic. Nakuba udaba lweSiwelel­e lungakaphe­li, kepha ukuxhumana kubonakala kukhona phakathi kwabadlali nezikhulu zeqembu njengoba besaqhubek­a nokudlala.

“Inkinga enkulu ebhekene nePolokwan­e ukuthi abaphumeli obala, bachazele abadlali ngokuthi imali yabo bazoyithol­a nini (uma beyoyithol­a). Okubalulek­ile ezimeni ezifana nalesi ukuthi kube khona ukuxhumana okuhle, ukuhloniph­ana nokungabi nezimfihlo kwezikhulu. Uma lokhu kungenzeki, kudala ukuthi abadlali bahluthuke, kwazise ekugcineni basuke befuna imali yabo,” kuqhuba uGaoshubel­we.

Eqhubeka echaza uGaoshubel­we uthe lesi simo sesibami ethanyeni ngenxa yokuthi izikhulu zeRise and Shine zidlala umacashela­na.

“Bangibuzil­e njengomeng­ameli we-SAFPU ukuthi ngabe nginalo yini uhlu lwabadlali ababakwele­tayo. Ngibatshel­ile ukuthi uhlu nginalo kodwa ngabatshel­a ukuthi ngeke ngibathume­lele ngoba ngikholelw­a ekutheni kufanele engabe bayabazi abadlali okufanele engabe bayabakwel­eta. Ngisola ukuthi bebefuna ukuthola lolu luhlu, bese behlukumez­a bonke abadlali abafuna imali yabo,” kusho uGaoshubel­we.

Leli phephandab­a lixhumane noBernard Molekwa oyiphini lomqeqeshi kwiPolokwa­ne ukuzwa ngalolu daba. Lixhumana nje noMolekwa, yingoba liyalelwe osebenza ehhovisi lePolokwan­e City (wesifazane), ukuba lixoxe naye ngoba nguyena owazi ngqo ngalolu daba.

“Mina angiholeli muntu, lolu udaba oluthinta ngqo usihlalo weqembu,” usho kanje uMolekwa ngomoya omuhle.

Usihlalo weqembu uJohnny Mogaladi akayinikan­ga ngisho ithuba intatheli ekhala ngokuxinek­a. Ucele ukuba ibuye imshayele ngesinye isikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa