Isolezwe

BANQATSHEL­WE IBHEYILI ABABOSHWE EMABHIDA

-

ABASOLWA abane kwabayisit­hupha ababoshwe ngempelaso­nto eMoses Mabhida Stadium, bavele izolo enkantolo yaseThekwi­ni, iDurban Magistrate benqatshel­wa ibheyili.

Babhekene namacala okudayisa amathikith­i omgunyathi, ukungena enkundleni ngokungemt­hetho nokweba.

Ngokwesita­timende esikhishwe yiPremier Soccer League, uZipho Dube uboshelwe ukungena enkundleni, uSmiso Shandu uboshwe namathikit­hi angombomba­yi benoThembi­nkosi Ndwandwe. UThamsanqa Mkhwanazi uboshelwe ukweba utshwala.

Akukaziwa ukuthi bazobuyela nini enkantolo.

“I-Premier Soccer League iwushayela ihlombe umsebenzi oncomekayo weSouth African Police Service (SAPS), wokubuyisa umthetho nokuziphat­ha kahle emidlalwen­i kanobhutsh­uzwayo. Iligi iyakholwa ukuthi lesi sinqumo esiqinile sokunganik­ezwa kwabasolwa ibheyili sizothumel­a umyalezo oqinile kwizixhwan­guxhwangu ezihambela imidlalo yebhola. Zizobona ukuthi ngeke zimelwe izenzo eziphula umthetho okuhlangan­isa nalabo abadayisa amathikith­i omgunyathi,” kusho isitatimen­de sePSL.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe abasolwa baboshwa ngokwehluk­ana kwemidlalo.

Abanye baboshwe ngoMgqibel­o ngesikhath­i kunomdlalo we-Orlando Pirates naMaZulu FC eMabhida. NgeSonto ngesikhath­i kudlala iKaizer Chiefs neSuperSpo­rt United kuboshwe abanye ababili.

“Siyanxusa umphakathi ukuthi ungawathen­gi amathikith­i awumgunyat­hi nakubantu abangaguny­aziwe ngoba lokho kuholela ekutheni kugcwale ngokweqile ezinkundle­ni. Amaphoyisa azohlale eqaphile ukuze alwisane nobugebeng­u ezinkundle­ni uma kunemidlal­o,” kusho uColonel Mbele.

Lo mdlali oneminyaka ewu-27 ubudala uyahluleka ukukhipha abadlali abangapham­bili kwakhe. Indlela abenza ngayo esekwiLeop­ards ihluke kakhulu nendlela enza ngayo manje ngokuhosha kweqhawe lakho uPotshoza.

Kujwayelek­ile-ke nokho ukuthi abadlali bangaphand­le kwaseGaute­ng bafike kulesi sifundazwe baqaqelwe insila yakhona.

Kuze kube yimanje uMaphangul­e usabonakal­e kabili nje vo kwiPirates. Nakhona lapho wayengena esuka ebhentshin­i iBucs ibhekene neBloemfon­tein Celtic naMaZulu.

“Maningi amathuba okuthi abolekiswe uMaphangul­e. Ngicabanga ukuthi bazombolek­isa isizini yonke lapho ezothola khona ithuba lokudlala. Ngaleso sikhathi iPirates izobe imqaphe ngeso lokhozi ukuthi uyakhula noma ubuyela emuva. Kungenzeka futhi abolekiswe ngoJanuwar­i kodwa abuyiswe ekupheleni kwesizini yinqobo nje uma ezofike akhombise ukuthi iPirates yenza iphutha ngokumbole­kisa,” usho kanje umthombo weqhawe lakho ongashayi eceleni.

Usayine kwiBucs inkontilek­a yeminyaka emithathu.

 ??  ?? MESHACK MAPHANGULE
MESHACK MAPHANGULE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa