UYIHLABE ESIKHONKOSINI ULARSEN
IQHAWE lakho uPotshoza liyayibhekisisa indlela abaqeqeshi abakhuluma ngayo.
Sesiyazi sonke ukuthi uma kukhuluma umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane sizolindelani, njengoba sazi ukuthi nxa kukhuluma uGavin Hunt weBidvest Wits yini esizoyilindela.
Siyafa amancoko (kwesinye isikhathi adonsayo) uma kukhuluma uCavin Johnson woSuthu. Ngingabala kushone ilanga. Sike sakhona isikhathi lapho iqhawe lakho belinokungasakuthakaseli okushiwo umqeqeshi waBafana Bes’thende uClinton Larsen. Obekwenza lokhu ukuthi ubephindaphinda into eyodwa, kucace ukuthi akusekho okusha osekungabhaleka.
Ngingaphinde nokho ngimncome uLarsen ngokuthi akayena umqeqeshi ophaphayo, noma okhuluma ngabantu noma obukela phansi abantu. Lokho impela ngingathi nje “nembe 1”. Lo mqeqeshi odabuka eWentworth eThekwini, ungichazile ngoMsombuluko ngesikhathi umgadli wakhe uKnox Mutizwa ehlabana ngomklomelo wegoli elivelele ngenyanga u-Agasti. Kuke kwaqhamuka umbuzo othi uma umdlali edlala kahle, iyiphi indlela amgqugquzela ngayo ukuthi aqhubeke nokwenza kahle.
ULarsen uphendule wathi: “Iyodwa vo indlela yokuthi umdlali ahlezi enza kahle uma ethola ithuba, ukuthi uma ebheda umhlalise ebhentshini.”
Yey, waze wakhuluma kahle lo mqeqeshi wemdoda! Sikhathele abaqeqeshi abanabukelisa abadlali ngenxa yamagama abo, ekubeni bengadlali kahle. Phansi ngabaqeqeshi abangamagwala phansi.