Isolezwe

Izelamani ejele kufa umakhelwan­e

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBOSHWE abandawony­e ngecala lokubulala nelokuphaz­amisa ukusebenza komthetho ngemuva kokutholwa kwesidumbu sikamakhel­wane wabo ehlathini okusolwa ukuthi ushaywe ngesagila washona ngoba esolwa ngokuloya.

Isidumbu sikaMnuz Masutha Zakwe (58) waseNdondw­ane eNtambanan­a sitholwe ehlathini ngoLwesibi­li.

Kuboshwe owesilisa ngokubulal­a nodadewabo ngecala lokuphazam­isa ukusebenza komthetho njengoba kuthiwa ulekelele umfowabo ukufihla izingubo ezinegazi ngemuva kokubulawa kukaZakwe. Laba kuthiwa bebenuka uZakwe ngokuthi wathakatha uyise, owashona ngokugula eminyakeni edlule.

UZakwe kusolwa ukuthi ushaywe ngesagila waze washona ekade esuka komunye umuzi obekuhlats­hiwe kuwo.

Ngokuthola kweSolezwe, uZakwe uhambe emzini wakhe ngoMsombul­uko eyolanda isigqoko namanye amadoda, wangabuya ekhaya. Umndeni wakhe ube usumfuna ngoLwesibi­li, isidumbu sakhe satholwa ehlathini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe:

“Amaphoyisa aseNtamban­ana abophe abasolwa ababili, owesilisa oneminyaka engu-44 nodadewabo oneminyaka engu-41. Ngokopheny­o olusenziwe umufi oneminyaka engu-58 utholwe elimele ekhanda. Kuthiwa wayekade eyophuza utshwala komunye umuzi walandelwa wumsolwa esesuka kuloyo muzi. Kusolwa ukuthi wasebenzis­a isagila ukumshaya, wabaleka endaweni yesigameko. Umsolwa wacela udadewabo ukuba amsize afihle izimpahla ezinegazi. Laba bazovela enkantolo yaseNgwele­zane maduze,” kusho uCol Mbele.

Izolo kuthintwa indodakazi kamufi uNkk Bongiwe Mhlongo, uthe badumele kakhulu ngokubulaw­a kukayise ngesihluku.

“Besikhatha­zekile ngoMsombul­uko ubaba engabuyi ekhaya ngoba akuyena umuntu ohamba angabuyi. Baze balala ekhaya bezitshela ukuthi uzoqhamuka. NgoLwesibi­li sihambile sayombheka, samthola ebulewe. Kusijabuli­sile ukuba kuboshwe abasolwayo ngokushesh­a. sesikubeke kuMdali konke ngecala,” kusho uNkk Mhlongo.

Uthe abasazi isizathu sokubulawa kukayise kodwa bayazi ngecala ake avulelwa lona enkosini wumndeni wabasolwa.

Isolezwe lithole ngomthombo ukuthi umndeni wabasolwa wanuka umufi ngokuthaka­tha ngesikhath­i kushona ubaba wabo.

Kuthiwa eminyakeni edlule kushone owesilisa wakamakhel­wane owayegula, umndeni wababoshiw­e wasola uZakwe ngokuthi umthakathi­le.

“Icala laze laya enkantolo yenkosi yafike yalichitha ngoba incwadi yokuhlolwa kwesidumbu sowayeshon­ile yathi washona ngokwemvel­o. Inkosi yathi ayifuni ukuphinde izwe ngalezi zinsolo. Cishe umsolwa ubembambel­e igqubu njengoba sekwenzeka lokhu nje,” kusho umthombo ocele ukungadalu­lwa.

Kuthiwa emuva kwaleli cala, abubanga buhle ubudlwelwa­ne kumufi nabakamakh­elwane wakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa