Isolezwe

Usola umona usomabhizi­nisi oshiselwe imishini

- MLUNGISI GUMEDE

USOLA umona usomabhizi­nisi waseMthebe­ni eNdwedwe oshiselwe imishini yakhe emibili yokumba isihlabath­i ebiza ngaphezu kukaR3 million izolo entathakus­a.

UMnuz Nicholas Ngcobo ongusomabh­izinisi ohweba ngesihlaba­thi sokwakha izitini nokusimend­a uthe uthuke kwaphela nasozwanen­i ngesikhath­i ebona imishini yakhe ishisiwe.

“Ngithe ngifika ngizobheka imishini ekuseni ngabo-5, ngathola ukuthi ishisiwe, ngiyasola ukuthi ishiswe intathakus­a ngoba ngifike isashunqa,” kusho uNgcobo.

Uthe le mishini ubeyicelel­e emzini oseMona eduze kwalapho esebenzela khona.

“Le mishini ngiyiseben­zisela ukumba isihlabath­i esigudle umfula iMona khona lapha eNdwedwe,” kusho uNgcobo.

Uthe le mishini ubeyiqashi­le ngohlelo lokuthi kugcine sekungeyak­he.

“Omunye ubiza R2.5 million, lona omunye ubiza uR1.2 million. Ngilimele kakhulu ngokusha kwayo ikakhlukaz­i njengoba omunye wabo ubungenawo umshwalens­e,” kusho uNgcobo.

Uthe kunzima ukuqagela ukuthi ngabe imishini ishiswe ngubani.

“Umuntu uhlale enezitha nangazazi kodwa ngiyasola ukuthi le nto ihlangene nomona ngoba kukhona umhlangano engike ngabizelwa kuwona abanye esenza nabo umsebenzi ofanayo bethi kumele ngiyeke ukudayisel­a amaNdiya isihlabath­i ngoba abasafuni ukuthi angene eNdwedwe,” kusho uNgcobo.

Uthe amaNdiya angamakhas­imende akhe amakhulu ngoba anezitolo ezidayisa izimpahla zokwakha.

“Uma bethi angingabad­ayiseli amaNdiya kusho ukuthi ibhizinisi lami lizolimala kakhulu ngoba amaNdiya iwona afaka inzuzo eningi,” kusho uNgcobo.

Uthe into emxakayo ukuthi bona laba abathi akangawada­yiseli bona bayasebenz­isana nawo.

Uthe enye into emenza asole umona ukuthi nguyena kuphela osanesihla­bathi, abanye abantu sesibaphel­ele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColenel Thembeka Mbele, uthe likhona icala lokucekela phansi impahla eliphenywa­yo esiteshini samaphoyis­a eNdwedwe.

“Ummangali utshele amaphoyisa ukuthi uthole imishini yakhe yokumba isihlabath­i ishisiwe ekuseni namhlanje (izolo),” kusho uColonel Mbele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa