Bamashele ‘eyokuvalwa’ kokuhlolwa kwezintombi
IZINTOMBI nto zigcwale ezitaladini eMgungundlovu, izolo zikhala ngesiphakamiso seNhlangano yeZizwe, i-United Nations nenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) sokuthi kuvalwe ukuhlolwa kwezintombi emazweni angu-23 asalandela leli siko kuwo okukhona neNingizimu Afrika.
Izintombi ezisenhlanganweni egqugquzela ukuhlolwa kwezintombi nokulandelwa kwamasiko, iNomkhubulwane Culture and Youth Development Organisation, eholwa nguNkk Nomagugu Ngobese zithi sezikhathele ngabantu abagxeka isiko lazo bebe bengazi lutho ngalo.
UNksz Nokwanda Mhlongo (25) owenza i-IT, eDurban University of Technology (DUT) obeyingxenye yale mashi uthe isiphakamiso se-UN neWHO sibacasule kakhulu.
“Sithe asiphume kusashisa nje sizotshela uMengameli wezwe lethu, uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi thina njengezintombi ezihlolwayo sazi ukuthi ukuhlolwa kuyingxenye yesiko lethu, sizoqhubeka nokulilandela. Sesikhathele ukucindezelwa ngabantu abangazi lutho ngamasiko ethu, ukuhlolwa kuyingxenye yesiko elisenza ukuthi sizikhumbule ukuthi singama-Afrika, abasidedele siphile ngendlela yobu-Afrika. Isiphakamiso sabo asisho ukuthi sibi kodwa sithi thina asihambisani nalo, sisibona njengento eqonde ukushabalalisa isiko lama-Afrika,” kusho yena.
UNksz Thokozani Ngcobo (27) ongummeli uthe bafuna ukuthi kuzwakale ukuthi leli siko basazoqhubeka balenze ngoba abaphoqiwe bayalithanda.
UNkk Ngobese uthe: “UNdunankulu Willies Mchunu sifuna asidlulisele uhla lwezikhalo kuMengameli ukuze azi ukuthi thina njengabantu abalandela inkolo yesintu sifuna ukwazi ukuthi aphi amalungelo ethu. Kungani amasiko akuleli exovekile ngabe kuhloswe ukuthi silahlekelwe ukuqonda ukuthi singobani. Sifuna nokwazi ukuthi liyini iqhaza le-UN, iWHO neKhomishini yokulingana ngoba kuqale kwayiyo ethi leli siko licindezela abesifazane ifuna ukulishabalalisa manje sekuvuka i-UN neWHO,” kusho yena.
Uqhube wathi kuyamangaza ukuthi abantu abakhathazeke ngesiko lokuhlolwa kwezintombi abakhathazekile ngokuthi izingane ezincane zinikezwa amalungelo okuthi zikhiphe izisu.
“Lezi zingane okuthiwa ziyahlukunyezwa azinabo yini abazali?” kubuza uNkk Ngobese.
I-UN neWHO ngesikhathi kunegqungquthela yongoti bezifo zabesifazane iCongress of Gynecology and Obstetrics baphakamise ukuthi kuvalwe ukuhlolwa kwezintombi ngenxa yokuthi kuyenzeka umuntu wesifazane azalwe engenalo ihlo, kodwa abahlolayo bathi umuntu wesifazane omsulwa ubonakala ngalo ihlo.
Uhla lwesikhalazo lwamukelwe uMnuz Siyabonga Mnqayi osebenza ehhovisi likaNdunankulu, uthembise ukuthi uzolwedlulisela kuNdunankulu yena uyobe eseludlulisela kumengameli wezwe.