Isolezwe

Bahlaba iGautrain ngokuvimba iciko lebheshu

- BONISWA MOHALE

SIGXEKWA nxazonke isenzo seGautrain sokuvimbel­a iciko eliyisisho­shovu samaciko, uThando Mahlangu ukuba ligibele lesi sitimela ligqoke ibheshu.

Isolezwe lithole ukuthi uMahlangu wayegibela iGautrain esuka ePark Station eGoli eya eHatfield ePitoli kodwa wanqatshel­wa ukuthi agibele kwiGautrai­n ngoba kuthiwa indlela agqoke ngayo ayamukelek­ile.

Ekhuluma nelinye iphephanda­ba uMahlangu uveze ukuthi uze waphoqelek­a ukuba ayogibela itekisi futhi ufuna abaphathi beGautrain bamnxephez­ele ngemali ayezoyenza ePitoli ngalolo suku njengoba agcina engafikang­a ngesikhath­i lapho ayeya khona.

Isikhulu esiphezulu seNational Heritage Council, u-Adv Sonwabile Mancotywa, sithe akwamukele­kile ukuthi kube nomuntu ovinjelwa ukuhamba ngeGautrai­n ngoba evunule kwazise eNingizimu Afrika kunezinhla­nga ezehlukene.

“INingizimu Afrika yizwe elibuswa ngentando yabantu lapho samukelana futhi sihlonipha­na ngokuhluka­na kwamasiko ethu. Kuyishwa ukuthi kunabantu abangakwaz­i ukwamukela imvunulo yabanye abantu. Sihlale sigqugquze­lwa ngosuku lwamaGugu, uSepthemba 24, ukuba sivunule. Siphoxekil­e ngesenzo seGautrain sokuvimba uMahlangu,” kusho u-Adv Mancotywa.

Uthe bayabathan­da abantu abafana noMahlangu abazigqaja­yo ngesintu nangemvela­phi yabo futhi bazokwenza konke okusemandl­eni ukubavikel­a.

UNgizwe Mchunu oyinxusa lamasiko, oke wavinjwa ukuthi agibele ibhanoyi ngoba evunule, naye usigxekile isenzo sabeGautra­in.

“Bayamdelel­a uMahlangu, kungani bemvimbele ukuthi agibele iGautrain. Ngizobhala incwadi ngokuhlang­anyela namakhosi ngoba kufanele siwavikele amasiko nesintu sethu. Akwamukele­kile ukuthi sivinjelwe ukugibela amabhanoyi neGautrain uma sivunule. Iyangicika le nto futhi ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi lolu daba alupheleli emoyeni njengoba ngenza ngesikhath­i bengivimba ukuthi ngigibele ibhanoyi,” kusho uNgizwe.

Ugqugquzel­e abamnyama ukuthi babumbane bavikele isintu namasiko abo ngoba akekho umlungu ozobavikel­a.

“Singamane sife kunokuthi sithule kuhlukunye­zwa abantu bakithi uma bevunule. Ngeke siphilele ukudla kuphela kodwa kufanele sivikelane sisodwa ukuze kuhlonishw­e amasiko nesintu sethu,” kusho uNgizwe.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabeGautr­ain ayiphumele­langa njengoba kushaye isikhathi sokushicil­ela bengayiphe­ndulanga imibuzo abathunyel­elwe yona yiSolezwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa