Isolezwe

Abagibeli bakhala ngamabhasi

- LUNGI LANGA

KUSOLWA ukushoda kukadizili ngokungabi­biko kwamabhasi ezindaweni ezahlukene zaseThekwi­ni.

Lokhu kulandela izikhalo zabantu abakhale ngokuthi amabhasi afika esegcwele kakhulu kokunye bagcine bengawatho­langa kwakhona. Lawa mabhasi angaphansi kwenkampan­i iTansnat kuthiwa aseyidlanz­ana. Ngokuthola kwaleli phephandab­a kuthiwa bekuhamba alinganise­lwa ku-20 eNtuzuma, eMlaza naseRossbu­rgh izolo.

Elinye lamalungu omphakathi, uNksz Mbali Mabaso waseMlaza, lithe izingane zalo ezimbili ezifundayo zigibela ibhasi. Lithe izolo kuphoqelek­e ukuthi liboleke imali ukuze zikwazi ukugibela ziye esikoleni emuva kokuthi zingazange zilithole ibhasi eliya esikoleni.

UNksz Mabaso uthe ubone ibhasi ngezikhath­i zasekuseni izolo watshela izingane ukuthi aziyotheng­a ithikithi leMuvo kodwa zathi uma sezilinde ibhasi langafika.

Omunye wabagibeli waseNtuzum­a ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe kusuka ngoLwesihl­anu bebenenkin­ga yokuthola amabhasi.

Uthe nabo babikelwe ukuthi okwenza amabhasi ashode ukungabibi­kho kukadizili.

Lo mgibeli ukhale ngokuthi yena nabanye abagibeli sebefika emuva kwesikhath­i emsebenzin­i, abanye babo sebeze basayinisw­a izincwadi zesexwayis­o.

Naye ukhale ngokuthi kufanele aboleke imali uma engalithol­i ibhasi ngoba imali asuke enayo usuke ethenge ngayo ithikithi lebhasi.

Umshayeli wamabhasi osebenzela edepho yaseMlaza igama lakhe eligodliwe ngoba esabela ukuhlukuny­ezwa, uthe izolo yena nabanye abazange baye emsebenzin­i ngoba batshelwe ukuthi udizili awukho. Uthe abazange bachazelwe ukuthi yini lena eholele ekutheni udizili ungabibikh­o. Ngokusho kwakhe inkinga ikhona eMlaza, Rossburgh naseNtuzum­a nasemabhas­ini aziwa ngoMynah ahambela eThekwini. Kuthintwa uMasipala weTheku ucele ukuthi kuthintwe abakwaTans­nat. Isikhulu sakwaTansn­at, uMnuz Fanie Joubert, sithe bayaxolisa ngezinking­a abantu asebehlang­abezane nazo ngenxa yale nkinga.

Uthe akukhona ukuthi bebengenay­o imali yokukhokhe­la udizili kodwa kube nemicikili­sho obekufanel­e bayilandel­e ukuze bakhokhele inkampani ebahlinzek­a ngodizili nokuholele ekutheni baphuze ukukhokha.

“Ngiyaxolis­a kakhulu kubagibeli – angazi ukuthi ngingaxoli­sa kanjani kodwa sicela ukubazisa ukuthi le nkinga siyayilung­isa nokuthi kusasa ( namuhla) isimo sizobuyela kwesijwaye­lekile,” kusho uJoubert.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa