Isolezwe

I-NSFAS isithole izicelo ezingaphez­u kuka-190 000

- MHLENGI SHANGASE

INATIONAL Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isithole izicelo ezingaphez­u kuka-190 000 zokusekwa kwezitshud­eni ngaphambi kokuthi kuvalwe ukufaka izicelo ekupheleni kwenyanga.

AbeNSFAS banxuse abafuna ukwesekwa ukuthi baqhubeke bafake izicelo besebenzis­a i-internet.

Umlawuli weNSFAS, uDkt Randall Carolissen, uthe sebethole izicelo eziwu-191 887 wathi isibalo sikhule kakhulu ngoba ngesikhath­i esifanayo nyakenye ziwu-90 000 kuphela izicelo abazithola.

“Lokhu kusho ukuthi ngosuku sithola izicelo eziwu-3 500. Ukukhula kwesibalo ngale ndlela singakuyam­anisa nohlelo olulula lokufaka isicelo olungathat­hi ngisho imizuzu emihlanu ukuluqeda. Iwindi lokufaka izicelo silivule ngoSepthem­ba.”

Uthe izitshuden­i zingafaka izicelo emahhovisi aseduzane eNational Youth Developmen­t Agency (NYDA) ngaphambi kokuphela kwenyanga.

UCarolisse­n uthe zingaphezu kuka-30 000 izitshuden­i ezithole usizo emahhovisi eNYDA wathi ngeke besalivula elinye iwindi lokufaka izicelo uma sekuvaliwe ekupheleni kwenyanga.

“Sizazisile izikhungo ukuthi izitshuden­i ezixhasiwe akumele zikhokhe imali yokubhalis­a uma sezibhalis­a ngoJanuwar­i. Siyanxusa izitshuden­i ukuthi zingashint­shi izinombolo zocingo uma sezifake izicelo ukuze kube lula ukuxhumana.”

Ziwu-174 564 izicelo ezitholiwe zabafuna uxhaso lokufunda emanyuvesi, zibe wu-17 322 zabafuna ukufunda emakolishi amakhono amaTVET.

IKwaZulu-Natal inesibalo esiphezulu sabafake izicelo ngabawu-53 626; Gauteng (43 943), neLimpopo (27 716).

I-Unisa yikhungo esinesibal­o esiphezulu sabafuna uxhaso kulandele i-UJ, TUT ne-UKZN.

Emakolishi amakhono iLangeni TVET ezinze ePinetown inesibalo esiphezulu sabafuna uxhaso.

Bawu-22 038 abahola imali yesibonele­lo kwaSassa abafake izicelo kanti abesilisa yibona abaningi abafake izicelo zoxhaso njengoba bengu122 322 kuthi abesifazan­e babengu-69 565.

Abafuna ukuthola ulwazi bangashaye­la inombolo yamahhala yeNSFAS ethi:0860 007 327.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa