Isolezwe

OweVBS akabathemb­isi abalondolo­zi

- BONISWA MOHALE

IPHINI lomphathi weBhange loMbuso iSouth African Reserve Bank, uMnuz Kuben Naidoo, uthe ngeke abathembis­e abantu ababefake imali eVBS Mutual Bank ukuthi bazoyithol­a iphelele imali ababeyilon­dolozile.

UNaidoo uthe okungenani ababefake imali bangalinde­la ukuthola phakathi kuka-20 cents no-30 cents kwiRandi ababelifak­e kuleli bhange. Ubekhuluma nekomiti elibhekele­le ezezimali ePhalamend­e izolo. “Akusikona ukuthi asithandi ukuthi ihlengwe iVBS kodwa ucwaningo lwethu lukhombisa ngokusobal­a ukuthi ibisetshen­ziswa njengebhan­oyi yizinkampa­ni eziyisikho­mbisa.”

Uthe abananking­a nomuntu ozofuna ukuthenga iVBS futhi bazomnika ilayisensi ye-mutual bank ngoba bayathanda ukuthi umphakathi waseVenda ube nebhange lawo ozowusiza njengoba bekwenza iVBS.

Uveze ukuthi abantu abakwaziyo ukubanika isiqinisek­o sokuthi bazothola imali yabo iphelele yilabo ababefake uR100 000 nangaphans­i.

“Labo abanemali edlula uR100 000 asikwazi ukuqinisek­isa ukuthi bazothola imali yabo ephelele ngoba ibhange alinayo imali. Sisebenzis­e imali yabakhokhi bentela ukuvikela labo akade befake imali encane. Siyabagqug­quzela abakweleta­yo ukuthi baqhubeke nokukhokha,” kusho uNaidoo.

U-Adv Terry Mutau obephenya ngeVBS uthe okubuhlung­u ngokwebiwa kukaR1.8 billion wukuthi kuhlukumez­e abantu abampofu.

Uthe uthole ukuthi u-3% wabantu ababefake imali eVBS ngeke bayithole yonke imali yabo eVBS, lowo 3% uveze ukuthi imali yawo ibalelwa kuR90 million.

“Udaba lwaseVBS alufani nhlobo nolwe-African Bank, eVBS bekulondol­oza abantu basemakhay­a imali kanti e-African Bank kwakubolek­wa imali noma kusetshenz­iswa imali yakhona ukuthenga ifenisha. Ngibuhlung­u ngezalukaz­i ezazifake oR150 000 bazo ngoba zithemba ukuthi izophepha imali yazo ebhange lomphakath­i. Kufanele bajeziswe abawise leli bhange,” kusho uMutau.

Khonamanja­lo uNdunankul­u waseLimpop­o, uMnuz Stan Mathabatha uthe bamatasa bafuna abantu abazohleng­a iVBS.

Uthe ukuvalwa kweVBS kuzohlukum­eza abantu basemakhay­a akade benethuba lokulondol­oza imali ebhange elibhekele­le izidingo zalo kwazise iVBS ibithathwa njengebhan­ge lomphakath­i.

Izikhulu zomasipala abafaka imali eVBS yize zazitsheli­we ukuthi lokhu kuphambene nomthetho, uMathabath­a uthe zimisiwe emsebenzin­i futhi ne-ANC yenza uphenyo lwayo ngamalungu athinteka ekudliweni kwemali yaseVBS.

 ??  ?? STAN MATHABATHA
STAN MATHABATHA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa