Isolezwe

Sincane isibalo sentsha ebhalisele ukuvota

- MHLENGI SHANGASE

IKHOMISHIN­I ebhekele ukhetho kuleli i-Independen­t Electoral Commission (IEC) ikhathazek­ile ngesibalo esincane sentsha ephakathi kuka-18 no-19 ebhalisele ukuvota.

I-IEC ithe le ntsha ingu-15.6% kuphela ebhalisele ukuvota kulandela ephakathi kuka-20 no-29 engu-56.7% ebhalisele ukuvota.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Sy Mamabolo, isikhulu esiphezulu sekhomishi­ni ekhuluma nabezindab­a emahhovisi ale khomishini eCenturion.

“Umyalezo esizobe siwushumay­eza ngukuthi intsha ibhalisele ukuvota. Sizobe sinxusa nalabo abazobe beqala ukuvota ukuthi babhalise,” kusho uMamabolo.

Umemezele ukuthi impelasont­o yokugcina yokubhalis­ela ukuvota ingoJanuwa­ri wonyaka ozayo.

“Sizovula ithuba lokuthi abantu babhalisel­e ukuvota ngoJanuwar­i 26 no-27, 2019. Sinxusa abantu ukuthi baphume bayobhalis­ela ukuvota, bafake neminining­wane yamakheli emqulwini wokuvota,” kusho uMamabolo.

I-IEC ithe abantu abadala bayavota abancane abangavoti.

“Bonke abantu bakuleli abano16 abanomazis­i bangabhali­sela ukuvota kodwa abazokwazi ukuvota abazoba neminyaka engu-18 ngosuku lokuvota. Akudingeki incwadi eqinsiekis­a ikheli ukuze ubhalise kodwa kumele uchaze lapho uhlala khona uma ikheli lingekho ohlwini lwabantu bazovota,” kusho uMamabolo.

Uthe eminyakeni emibili edlule abafake amakheli angaphezul­u kuka-13 million emqulwini wokuvota.

“Okwamanje abantu ababhalise­le ukuvota bangu-26.1 million. Asebenamak­heli bangu21.4% kusuka ku-8.4 million ngoMashi 2016.”

Uthe bazovula ithuba lokuthi babhalise labo abahlala ngaphandle kwakuleli wathi basazomeme­zela izinsuku zokubhalis­ela ukuvota. “Nabasemaje­le bazokwazi ukubhalise­la ukuvota ngawo uJanuwari ukuze bakwazi ukuvota. Sinxusa imindeni yabo ukuthi isheshe ibahambise­le omazisi ukuze bakwazi ukubhalisa.”

Uthe ihlandla lobuholi bezwe obukhona liphela ngoMeyi 6, 2019.

“Lokhu kusho ukuthi ukhetho kumele lubanjwe phakathi kukaMeyi 7 no-Agasti 5. UMengameli wathi ukhetho luzoba ngoMeyi ngonyaka ozayo kodwa usuku alukamenye­zelwa kodwa luzoba kunoma imuphi uLwesithat­hu ngemuva komhlaka 7.”

Abavoti uthe bangaya kwiwebitse ye-IEC ethi: www. elections.org.za ukuzibheka ukuthi babhalise ukuvota kuphi.

Bangathume­la neSMS enezinombo­lo zomazisi ku: 32810 ukuze bathole ukuthi babhalisep­hi.

Khonamanja­lo uSihlalo wekhomishi­ni uMnuz Glen Mashinini umemezele okhomishan­a abasha abaqokwe nguMengame­li Cyril Ramaphosa. BangoDkt Nomsa Masuku, owayeyiphi­ni lesikhulu esiphezulu se-Outreach, Mnuz Mosotho Moepya, owayeyisik­hulu sale khomishini kanjalo neJaji Dhaya Pillay leNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal. UKhomishan­a uNksz Janet Love ungene kwesePhini likaSihlal­o.

ObeyiPhini likaSihlal­o uMnuz Terry Tselane ushiye kule Khomishini ngemuva kweminyaka engu-18.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa