Isolezwe

Isigwebo kobeheha alale nabafana

- NONTUTHUKO NGUBANE

KULINDELEK­E ukuthi agwetshwe namhlanje eNkantolo eNkulu yaseMgugun­dlovu owesilisa oneminyaka engu-27 olahlwe amacala okudlwengu­la abafana abancane ebathembis­a amaselula nokubadlal­isa amagames.

UMenzi Shandu waseMarian­nhill, ulahlwe amacala okuhlukume­za abafana ngokocansi eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu, ngoLwesibi­li.

UShandu kuthiwa wadlwengul­a abafana abangu-16, abaphakath­i kweminyaka eyisishiya­galombili nengu-14.

Waboshwa ngo2017 kulandela ukuvulwa kwenqwaba yamacala imindeni yabafana ikhala ngokuthi izingane uzidlwengu­lile.

Isolezwe lithole ukuthi umdlwengul­i ubesehlala eFrance eMgungundl­ovu, eshayela iloli lezinkwa.

Umphakathi waqala ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba ubona kugcwala abafana abancane endlini yakhe bethi bayomvakas­hela.

Lona kuthiwa wayezenza umngani nabafana abancane, ethi uzobatheng­ela iselula noma badlale ama-game kwiselula endlini yakhe.

Uma befika endlini ubebanceng­a ukuba baye ocansini. Kokunye kuthiwa ubebaphoqa ukuba bakhothe isitho sakhe sangasese.

Lo mkhuba kuthiwa ubewenza kusuka ngoJune 2016.

UShandu ngesikhath­i efakaza ecaleni wathi ubengabaph­oqi abafana kodwa babevumele­ne ukuba baye ocansini. Uthe abafana babemceba ukuthi ubadlwengu­lile uma sebebona engabaniki amaselula abathembis­a wona.

Ngenxa yemithetho yakuleli engavumi ukuba umuntu omdala avumelane ngokuya ocansini nengane, ulahlwe ngamacala okudlwengu­la.

Phakathi kwabafana okuthiwa wabadlweng­ula abaseRichm­ond, abaseManzi­mtoti, abaseMgund­undlovu, Ntshanga nakwezinye izindawo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa