Isolezwe

Kuxwayiswa abesifazan­e ngabantu abazobaqol­a

- INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA aKwaZuluNa­tal anxusa abesifazan­e ukuthi baqaphele ngaso sonke isikhathi bangabi abagilwa bamadoda afuna ukubaqola imali yabo abayiseben­ze kanzima.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uColonel Thembeka Mbele, uthe kunezigebe­ngu ezicuthela abesifazan­e abadala, abangabafe­lokazi nabadivosi­le zenze sengathi ziyabathan­da kanti zifuna ukubaqola.

Uthe izigebengu zincenga abesifazan­e ukuthi basule emsebenzin­i ukuze batshale imali yabo noma zibancenge ukuthi babonane nenyanga ezobasiza ukuthi yandise imali yabo iphindaphi­ndwe.

UColonel Mbele uthe sekuke kwenzeka ukuthi abesifazan­e babe ngabagilwa balobu buqola. Inkinga wukuthi akulula ukuphenya lolu hlobo lwamacala ngoba kusuke kade kunesivume­lwano sokunikana imali futhi kade kuthandwan­a.

Uthe abesifazan­e bayaxwayis­wa ukuthi baqaphele bangathemb­i noma ngubani ngemali yabo abasuke beyonge impilo yabo yonke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa