I-Prasa ivikela isinqumo sayo sokuthenga izimoto ngezigidi

Isolezwe - - IZINDABA - THEMBELIHLE MKHONZA

INKAMPANI ebhekelele ukusebenza kwezitimela kuleli iPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) izolo isivikele isinqumo sayo sokuthenga uxhaxha lwezimoto ezibize uR57.6 million ngonyaka odlule.

Imibiko yabezindaba iveza ukuthi le nkampanini ithenge lezi zimoto ezintsha ezingu-174, isebenzisa imali yabakhokhi bentela. Ukuthengwa kwazo kwaqubula umsindo, kukhona abathi iPrasa imosha imali ibe ivele idonsa kanzima.

Okhulumela iPrasa, uNkk Nana Zenani, uthe inkampani yabo ithenge lezi zimoto ilandela uhlelo lukaMgcinimafa, okusho ukuthi izimoto zithengwe ngqo emagaraji, akuzange kukhishwe thenda.

“Kusukela ngoMsombuluko kuleli sonto sekufakwe ama-tracker ezimotweni ezingu-28, zabe seziyaqala ukusebenza,” kusho uNkk Zenani.

Uthe ukuhamba ngonyawo lonwabu lokufakwa kwama-tracker ezimotweni kudalwe uhlelo lokulandela imigudu, wengeza ngokuthi akukho okuphambene ngalokho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.