Isolezwe

Umnikelo kaR285 000 kwesisiza umphakathi

- INTATHELI YESOLEZWE

INKAMPANI ephehla ugesi i-Eskom inikele ngoR285 000 esikhungwe­ni esisiza umphakathi eMlaza, Inyanga Community Safety Developmen­t Project.

Le mali izosiza Inyanga Community Safety Developmen­t ukuba ilungise indawo esebenzela kuyo.

Inyanga yasungulwa wonesi asebethath­e umhlalapha­nsi ababethand­a ukusiza abangakwaz­i ukuya emitholamp­ilo nasezibhed­lela beyofuna usizo lwezempilo.

UNksz Thembisile Cele, omunye wabasungul­i, uthe babengakwa­zi ukubuka abantu bevuka ngo-4 ekuseni ukuze basheshe bafike emitholamp­ilo ekude baze babuyele emakhaya ngabo-4 ntambama uma bedinga usizo lwezempilo.

“Sahlangana sakha isikhungo esizosiza umphakathi ngemithi nolunye usizo lwezempilo ngoba sikhathazw­a wukuthi abantu bahamba amabanga amade. Sibapha nokudla ngoba ukuze imithi isebenze kahle kufanele abantu badle ukudla okunomsoco. Sinabo nonompilo abasiza iziguli esezilele phansi. Umuntu siyamsiza ngakho konke ukuze aphile kahle,” kusho uNksz Cele.

Uthe banenkulis­a futhi bagqugquze­la ukugonywa kwezingane nokuhlelwa komndeni.

Abantu baphinde bahlonyisw­e ngolwazi lokuzitsha­lela ukudla kwabo.

Umnikelo wakwaEskom uthe uzobasiza balungise isikhungo sabo, bafake ama-tiles amasha, basipende futhi basihlukan­ise kahle ukuze iziguli zibe nendawo ekahle uma zixilongwa.

Kuzophinde kuthengwe amatafula, izihlalo, ifriji, isitofu segesi namabhodwe.

UMnuz Monde Bala oyiGeneral Manager kwa-Eskom uthe basize Inyanga ngoR285 000 ngoba belandela ezinyathel­weni zowayengum­engameli wezwe uMnuz Nelson Mandela.

“Asikho isipho esidlula ukusiza abanikela ngesikhath­i sabo bengalinde nkokhelo. Kuningi okubi okwenzeka ezweni lethu ngakho uma sibona abantu abasiza umphakathi njengeNyan­ga kuyasithok­ozisa lokho. Nathi sizolekele­la uma sinamandla,” kusho uBala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa