Isolezwe

IWits izongeza izindawo zokuhlala izitshuden­i

- ANA

I-26’10 South Architects neCorobrik (Pty) Ltd bamemezele ukuthi bazokwenge­za izindawo zokuhlala izitshuden­i ezibalelwa ku-150 eNyuvesi yaseWits ekupheleni kuka2019.

UMnyango weMfundo ePhakeme wamemezela ukuthi kushoda imibhede ewu-250 000.

“Sihlola uhlelo lokwengeza izindawo zokuhlala lapho zivele zikhona. Sizothuthu­kisa nezikhona enyuvesi,” kusho uMnuz Thorsten Deckler, we-26’10.

UDeckler uthe inyuvesi ibatshele ukuthi kumele indawo entsha yamukele izitshuden­i eziningi, kusetshenz­iswe impahla engambi eqolo.

Ukushoda kwendawo yokuhlala yinkinga ebhekene nomhlaba wonke hhayi nje kuphela eNingizimu Afrika lapho imfundo ithathwa njengethul­uzi lokunqoba indlala.

Ukwakhiwa kwalezi zindawo kuyindlela yokwandisa indawo yezitshude­ni ezoba sezingeni kusetshenz­iswa izitini.

“Ukwandisa izindawo zokuhlala ezakhiwa ngabo1980 kusinika ugqozi ngoba sifuna ukuhlola uhlelo lwethu ezindaweni eziningi,” kusho uDeckler.

Minyaka yonke kuhlale kunezitele­ka zezitshude­ni cishe kuzona zonke izikhungo zemfundo ephakeme ngenxa yokushoda kwezindawo zokuhlala.

Izikhungo ziphoqelek­a ukuthi ziqashele izitshuden­i izindawo zokuhlala emadolobhe­ni ngoba izikhungo eziningi azinazo izindawo ezenele zokuhlalis­a zonke izitshuden­i.

Emadolobhe­ni izitshuden­i zijwayele ukukhala ngokuthi izindawo ezihlala kuzo azikho ezingeni lokuhlala abantu abafundayo.

Izikhungo zike zizame ukushintsh­ela izitshuden­i kwezinye izindawo zokuhlala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa