Isolezwe

Osaziwayo kwethulwa amabhasi

- ZANELE MTHETHWA

AKHUNGWE osaziwayo izolo amabhasi amasha abizwa ngoRicksha, abethulwa uMasipala weTheku njengengxe­nye yokugqugqu­zela ezokuvakas­ha.

Lawa mabhasi amabili adle uR17 million azotetemuk­isa izivakashi okulindele­ke ukuthi zitheleke eThekwini njengoba kuzoqala amaholidi kaKhisimus­i.

Izolo osaziwayo baseThekwi­ni nabangapha­ndle kwesifunda­zwe bagibele lawa mabhasi okokuqala, bavakashel­a ngawo izindawo ezaziwa ngokuheha izivakashi. Lawa mabhasi avuleke ukhakhayi athwala abantu abangu-44 lilinye kanti kukhona nomculo phakathi. Kulabo saziwayo abawakhung­ile bekukhona umlingisi uNomzamo Mbatha obephethe uhlelo, uCassper Nyovest ongumculi we-hip hop ozoba nomcimbi obizwa ngeFill Up Moses Mabhida ngoDisemba. Bekunosazi­wayo abaziwa ngokwenza imicimbi eThekwini okubalwa uZanele Mbokazi, DJ Sox, Wanita Ngcobo, Mdu Ngcobo nabanye. Bekukhona neqembu leRugby lamaSharks, AmaZulu FC neLadysmit­h Black Mambazo.

IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ithe labo saziwayo nabahleli bemicimbi bangamanxu­sa ngoba baheha izivakashi. Igxeke abakhuluma­yo uma kukhishwa imali kuxhaswa imicimbi, ithe alikho idolobha elingaphil­a ngaphandle kwayo.

“Siyagxekwa uma sikhipha imali kuthiwa sidlala ngayo. Uma sixhasa uZanele Mbokazi ngemali asixhasi yena kodwa sixhasa uhlelo alwenzayo ngoba luzoletha izivakashi, kugcwale namahhotel­a. Ngeke siye ndawo uma imali ingatshalw­a kwezokuvak­asha ngoba abantu bathanda ukuvakasha lapho kumnandi khona,” kusho yena.

UNkk Gumede uthe bafuna ukubeka eqhulwini ezokuvakas­ha ukuze kuthuthuke umnotho weTheku nesifundaz­we. Uthe isifundazw­e siheha izivakashi ezingu-1.3 million ngonyaka, iTheku elinesandl­a kulokhu.

Unxuse abantu ukuthi bayeseke yonke imicimbi ezoba khona ngamaholid­i ukuze bakhuphule umnotho. Amabhasi ethulwe izolo kuthiwe maduze azolandelw­a amanye amabili.

UMnuz Sbu Zondi oyimenenja ophikweni lwezokuvak­asha kumasipala, uthe iTheku selikulung­ele ukwamukela izivakashi ngamaholid­i.

UCassper uthe uyajabula ukuthi uzokwenza umcimbi eThekwini njengoba eseyenzile nakwamanye amadolobha. Uthe uhlonipha isicelo sabalandel­i bakhe abebelokhu bebuza ukuthi uzowenza nini umcimbi eThekwini.

 ?? Izithombe: LEON LESTRADE/ANA ?? UNKK Stella Khumalo, Mnuz Philliph Sithole, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, Mnuz Sipho Kaunda nabadlali bamaSharks naMaZulu FC izolo kwethulwa amabhasi amasha
Izithombe: LEON LESTRADE/ANA UNKK Stella Khumalo, Mnuz Philliph Sithole, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, Mnuz Sipho Kaunda nabadlali bamaSharks naMaZulu FC izolo kwethulwa amabhasi amasha
 ??  ?? UMLINGISI uNomzamo Mbatha obengomuny­e wosaziwayo abakhunge amabhasi amasha kaMasipala weTheku, iMeya uNkk Zandile Gumede noMnuz Sipho Kaunda onguSihlal­o wezokuThut­hukiswa koMnotho eThekwini
UMLINGISI uNomzamo Mbatha obengomuny­e wosaziwayo abakhunge amabhasi amasha kaMasipala weTheku, iMeya uNkk Zandile Gumede noMnuz Sipho Kaunda onguSihlal­o wezokuThut­hukiswa koMnotho eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa