Umkami akazithandi uyinuku nendlu igcina isihlanzwa yimi
EZOTHANDO
UMBUZO : Sineminyaka emihlanu sishadile nomyeni wami. Ngikhathazeke kakhulu ngoba seloku sashada akukho ukuthula emzini wethu. Sixabana njalo futhi sixabanela noma yini. Ayikho into engapheli ngengxabano phakathi kwethu. Angisazi ngempela ukuthi ngenzenjani ngoba sekukhona nabantwana engingathandi ukuthi bakhulele ekhaya elinje. Singenzenjani ukuze sikwazi ukuphilisana noma singaboni ngaso linye?
Thule, eMzinyathi Impendulo: Ukungaboni ngaso linye akuyona nencane inkinga phakathi kwabantu abashadile. Empeleni kukhombisa ukuthi ningabantu abaphilayo. Okubalulekile wukuthi niziphatha kanjani uma kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu.
Kubalulekile ukuthi nibavikele abantwana benu ngaso sonke isikhathi. Akumele bazithole sebephakathi kwengxabano yenu ngoba lokho kuzokwenza bazibone bekhetha phakathi kwenu. Kubalulekile ukubekezelelana emshadweni. Futhi akuzohlale kugcina izwi lakho kuphela. Akuyona yonke into okumele ikulwise emshadweni. Ezinye izinto ziyazilungela emshadweni ngaphandle kokuthi kumele nize nizixabanele. Umbuzo: Nginenkinga kankosikazi ongazithandi ngendlela engingafisa ukuthi azithande ngayo njengomuntu wesifazane. Lokhu kungazithandi kwakhe uze ukubone nasendlini yethu. Kuze kube yimina ogcina umuzi wethu nabantwana behlanzekile. Bengizitshela ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzoshintsha kodwa lutho. Uzithandela ukuzibukela ithelevishini noma aphume nabangani bakhe.
Ngifikelwa amahloni ngingazi ukuthi ngenzenjani uma sivakashelwe abantu ngoba kuzomele kube yimina owenza imizamo yokulungisa umuzi ukuze abantu bafikele ekhaya elibukekayo. Ngingenzenjani ukuze unkosikazi wami azinakekele naye njengawo wonke umuntu wesifazane?
Mdletshe, eLamont Impendulo: Lapho umuntu esuka khona nendlela akhuliswe ngayo kuneqhaza elikhulu empilweni yomuntu noma esemdala. Kusobala nangendlela osho ngayo ukuthi unkosikazi wakho akenzi loku akwenzayo ngoba ekudelela njengomyeni wakhe kodwa wenza into ayijwayele. Kuzofanele kube nezinto ozenzayo njengomyeni wakhe ukumsiza ngaphandle kokuthi umhlambalaze.
Ungaqala ngokuthi umfunele umuntu ozomsiza ukugcina ikhaya lihlanzekile okuzokwenza ukuthi nawe ungabi nenkinga uma kuzofika abantu ekhaya lenu.
Kubalulekile futhi ukuthi unkosikazi wakho umthengele iziqholo nokunye okuzomenza abe yilo muntu wesifazane omfunayo ngoba abanye abantu uthola ukuthi abazenzi lezinto ngoba abazijwayelanga kwasekuqaleni, hhayi ngoba bengazithandi. Ukuthanda umuntu kwesinye isikhathi kuchaza ukuthi ube nesineke naye futhi ungapheli amandla. Umbuzo: Nginomyeni ongabathandi abantwana bethu. Unomona ngendlela engithanda ngayo abantwana bethu uthi ngithanda abantwana ukudlula yena.
Ngiqala ukuyibona lento ngangizitshel ukuthi yinto edlulayo futhi ayenza ngoba abantwana besebancane kodwa usaqhubeka namanje.
Nginovalo lokuthi nabantwana bethu bangagcina sebebona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngobaba wabo. Uze angabakhulumisi kwesinye isikhathi ngoba ebanga nabo. Kungabe ikhona into enje?
Igama Ligodliwe Impendulo: Kuyenzeka kubantu besilisa uma unkosikazi esanda kuthola umntwana ikakhulukazi umntwana wokuqala ngoba kusuke sekukhona omunye umuntu osengena phakathi kwenu. Ikakhulukazi uma bese nihlale isikhathi eside ningenaye umntwana, senijwayele ukuba nobabili.
Kudalwa nawukuthi abantu besifazane abaningi banokunika umntwana isikhathi esiningi okuze kwenze umyeni wakho abone sengane lo mntwana uzothatha indawo yakhe.
Kubalulekile ukuthanda abantwana bethu kodwa singenzi ukuthi lo oshade naye azibone esengalutho ngenxa yokufika kwabantwana.
Zibuze nawe ukuthi yini eshintshile phakathi kwakho nomyeni wakho emva kokufika kwabantwana empilweni yenu. Ngabe usamnika isikhathi owawumnika sona ekuqaleni? Nisazikhipha njengabantu abathandanayo?
Kubalulekile ukuthi nawe uzinuke amakhwapha ngalolu daba ngaphambi kokucabanga ukuthi kukhona okungahambi kahle ngaye. Abantwana bafike isikhashana empilweni yethu ngoba uma sebekhulile bazonishiya beyoqala eyabo impilo.
Kanti umyeni wakho yena uzoba sempilweni yakho kuze kube phakade. Ngakho awufuni ukuthi uma abantwana sebekhulile uthole ukuthi anizange niphile nomyeni wakho ngoba abantwana bebehamba phambili ukudlula yena. Ake umnikeze isikhathi esanele ubone ukuthi ngeke lube khona ushintsho na.