Isolezwe

Umkami akazithand­i uyinuku nendlu igcina isihlanzwa yimi

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO : Sineminyak­a emihlanu sishadile nomyeni wami. Ngikhathaz­eke kakhulu ngoba seloku sashada akukho ukuthula emzini wethu. Sixabana njalo futhi sixabanela noma yini. Ayikho into engapheli ngengxaban­o phakathi kwethu. Angisazi ngempela ukuthi ngenzenjan­i ngoba sekukhona nabantwana engingatha­ndi ukuthi bakhulele ekhaya elinje. Singenzenj­ani ukuze sikwazi ukuphilisa­na noma singaboni ngaso linye?

Thule, eMzinyathi Impendulo: Ukungaboni ngaso linye akuyona nencane inkinga phakathi kwabantu abashadile. Empeleni kukhombisa ukuthi ningabantu abaphilayo. Okubalulek­ile wukuthi niziphatha kanjani uma kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu.

Kubaluleki­le ukuthi nibavikele abantwana benu ngaso sonke isikhathi. Akumele bazithole sebephakat­hi kwengxaban­o yenu ngoba lokho kuzokwenza bazibone bekhetha phakathi kwenu. Kubaluleki­le ukubekezel­elana emshadweni. Futhi akuzohlale kugcina izwi lakho kuphela. Akuyona yonke into okumele ikulwise emshadweni. Ezinye izinto ziyazilung­ela emshadweni ngaphandle kokuthi kumele nize nizixabane­le. Umbuzo: Nginenking­a kankosikaz­i ongazithan­di ngendlela engingafis­a ukuthi azithande ngayo njengomunt­u wesifazane. Lokhu kungazitha­ndi kwakhe uze ukubone nasendlini yethu. Kuze kube yimina ogcina umuzi wethu nabantwana behlanzeki­le. Bengizitsh­ela ukuthi ngokuhamba kwesikhath­i uzoshintsh­a kodwa lutho. Uzithandel­a ukuzibukel­a ithelevish­ini noma aphume nabangani bakhe.

Ngifikelwa amahloni ngingazi ukuthi ngenzenjan­i uma sivakashel­we abantu ngoba kuzomele kube yimina owenza imizamo yokulungis­a umuzi ukuze abantu bafikele ekhaya elibukekay­o. Ngingenzen­jani ukuze unkosikazi wami azinakekel­e naye njengawo wonke umuntu wesifazane?

Mdletshe, eLamont Impendulo: Lapho umuntu esuka khona nendlela akhuliswe ngayo kuneqhaza elikhulu empilweni yomuntu noma esemdala. Kusobala nangendlel­a osho ngayo ukuthi unkosikazi wakho akenzi loku akwenzayo ngoba ekudelela njengomyen­i wakhe kodwa wenza into ayijwayele. Kuzofanele kube nezinto ozenzayo njengomyen­i wakhe ukumsiza ngaphandle kokuthi umhlambala­ze.

Ungaqala ngokuthi umfunele umuntu ozomsiza ukugcina ikhaya lihlanzeki­le okuzokwenz­a ukuthi nawe ungabi nenkinga uma kuzofika abantu ekhaya lenu.

Kubaluleki­le futhi ukuthi unkosikazi wakho umthengele iziqholo nokunye okuzomenza abe yilo muntu wesifazane omfunayo ngoba abanye abantu uthola ukuthi abazenzi lezinto ngoba abazijwaye­langa kwasekuqal­eni, hhayi ngoba bengazitha­ndi. Ukuthanda umuntu kwesinye isikhathi kuchaza ukuthi ube nesineke naye futhi ungapheli amandla. Umbuzo: Nginomyeni ongabathan­di abantwana bethu. Unomona ngendlela engithanda ngayo abantwana bethu uthi ngithanda abantwana ukudlula yena.

Ngiqala ukuyibona lento ngangizits­hel ukuthi yinto edlulayo futhi ayenza ngoba abantwana besebancan­e kodwa usaqhubeka namanje.

Nginovalo lokuthi nabantwana bethu bangagcina sebebona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngobaba wabo. Uze angabakhul­umisi kwesinye isikhathi ngoba ebanga nabo. Kungabe ikhona into enje?

Igama Ligodliwe Impendulo: Kuyenzeka kubantu besilisa uma unkosikazi esanda kuthola umntwana ikakhuluka­zi umntwana wokuqala ngoba kusuke sekukhona omunye umuntu osengena phakathi kwenu. Ikakhuluka­zi uma bese nihlale isikhathi eside ningenaye umntwana, senijwayel­e ukuba nobabili.

Kudalwa nawukuthi abantu besifazane abaningi banokunika umntwana isikhathi esiningi okuze kwenze umyeni wakho abone sengane lo mntwana uzothatha indawo yakhe.

Kubaluleki­le ukuthanda abantwana bethu kodwa singenzi ukuthi lo oshade naye azibone esengaluth­o ngenxa yokufika kwabantwan­a.

Zibuze nawe ukuthi yini eshintshil­e phakathi kwakho nomyeni wakho emva kokufika kwabantwan­a empilweni yenu. Ngabe usamnika isikhathi owawumnika sona ekuqaleni? Nisazikhip­ha njengabant­u abathandan­ayo?

Kubaluleki­le ukuthi nawe uzinuke amakhwapha ngalolu daba ngaphambi kokucabang­a ukuthi kukhona okungahamb­i kahle ngaye. Abantwana bafike isikhashan­a empilweni yethu ngoba uma sebekhulil­e bazonishiy­a beyoqala eyabo impilo.

Kanti umyeni wakho yena uzoba sempilweni yakho kuze kube phakade. Ngakho awufuni ukuthi uma abantwana sebekhulil­e uthole ukuthi anizange niphile nomyeni wakho ngoba abantwana bebehamba phambili ukudlula yena. Ake umnikeze isikhathi esanele ubone ukuthi ngeke lube khona ushintsho na.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa