Isolezwe

Ikhaya libaluleki­le noSerero ukubonile lokho wazehlisa

-

ISIFUNDO okumele sitholakal­e kokwenzeke kuThulani Serero neBafana Bafana esokuthi ayikho indawo ebalulekil­e ukwedlula ikhaya. USerero umenyezelw­e ngoMsombul­uko nabanye abadlali beBafana abazobheka­na neNigeria emdlalweni obalulekil­e wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoNovemba 17. Lo mdlali, ogijima kwiVitesse yaseNether­lands, wazidingis­a yena eqenjini lesizwe ngonyaka odlule ngaphambi komdlalo wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba neSenegal.

USerero wabalula ukuthi ngeke eze ekhempini yeBafana Bafana uma umqeqeshi uStuart Baxter engaqinise­kisi ukuthi uzomdlalis­a. Wayegagame­la kakhulu uSerero futhi lokhu ayekusho kwakuwukub­ukela phansi abanye abadlali beBafana. Kungani kumele kuqiniseki­swe kumdlali oyedwa ukuthi uzodlala nakanjani ngaphambi kokuthi athathe indiza eze ekhempini yezwe lakhe?

Nokho ubonile uSerero ukuthi wanhlanhla­tha njengoba kuthiwa uyena oshayele ucingo iSouth African Football Associatio­n (Safa) wayitshela ukuthi usafuna ukudlalela iqembu lesizwe ngoba wenza kahle eqenjini lakhe. Kuzokhumbu­leka ukuthi iSafa yatshela lo mdlali ukuthi ngeke aphinde abizwe kwelesizwe ngoba ukubukela phansi ukumela izwe lakhe.

Kuyaziwa ukuthi akumnandi ukuhlala ebhentshin­i ube usuke eqenjini lakho phesheya wathatha indiza ngenhloso yokuzomela izwe lakho. Nokho abadlali kumele bazi ukuthi ukubizwa nje kukodwa kuyinto enkulu futhi eqenjini lesizwe kumele bazimisele bangavele nje balindele ukuthi bazodlala ngoba nakhu begijima emaqenjini aphesheya.

Kuyajabuli­sa ukuthi uBaxter uqale waqiniseki­sa ukuthi uSerero akasenayo yini imibandela ngaphambi kokuthi amfake eqenjini lesizwe. Abadingeki abadlali abafuna ukuncengwa nokutotosw­a ukuze bezomela izwe labo. Kuyacaca ukuthi uSerero ubonile ukuthi maningi amathuba okuthi iBafana iye kwi-Afcon ezodlalwa ngoJuni eCameroon, wase ezincengel­a.

Akusenani kumele axolelwe kodwa abadlali kumele bazi ukuthi noma bangahola izindodla zemali phesheya kodwa kubaluleki­le ukugqoka imibala yezwe lakho. Ayikho into ebaluleke njengekhay­a noma ungahamba ujubalale kumaphi amazwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa