Isolezwe

Akuliwe nokuhlukun­yezwa kwanoma wubani

-

MHLELI: NgoNovemba 1-2 bekunomcim­bi okwakumeny­we kuwona owesifazan­e owabulala indoda yakhe.Wagwetshwa udilikajel­e ngesenzo sakhe kodwa kulo mcimbi ubeyisimen­ywa esiqavile. Uma ekhuluma uthi kwakufanel­e abulale indoda ngoba yayimhluku­meza. Kulungile yini kanti uma kubulawa amadoda? Ngifisa ongangiphe­ndula.

Akuqali. Ngithi ngonyaka odlule, uma ngingaphos­isi, emsakazwen­i uKhozi FM, ohlelweni lukaDudu ‘Lady D’ Khoza woKhozi FM, kwakukhona abesifazan­e ababebulal­e amadoda abadonsa izigwebo ezinde ejele lase Westville. Ohlelweni babechaza ukuthi amadoda babewabula­lelani. Bathi ayebahluku­meza.

UDudu wayekhombi­sa naye ukuthi uzwelana nabo. Ngabe kwamukelek­ile yini ukuthi amakhosika­zi abulale amadoda? Yinini la kuke kuthiwe indoda bekufanele ibulawe owesifazan­e?

Khulumani ma-Afrika amahle. Kuyaxaka-ke uma noMengamel­i wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa umfica kuleyo micimbi angaphawul­i lutho umuntu ebe ezincoma phambi kwakhe ethi wabulala indoda kube sengathi lokho kuyinto enhle nje. Kuthini ezihlotshe­ni zababulawa uma zizwa abantu bekhuluma ngento ebuhlungu kangaka?

Mina ngithi asilwe nokuhlukun­yezwa kwabantu bonke singakheth­i bulili.

Ngithi mina bangaki abantu besilisa ababulawa ngoba kushintshw­a amasheke? Ngicela ukubuza ukuthi sikhona yini isiboshwa esike sikhulume iqiniso, kungaba ezesilisa noma ezesifazan­e? Uma zahlukumez­a, zingabahlu­kumezi nje kwaphela.

Asisukume silwe nokuhlukun­yezwa kwabantu ezweni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa