Isolezwe

Abaneminya­ka engu-50 abakhululw­e kuqashwe intsha

-

MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele bengifisa ukuveza umbono wami. Umbono wami uyikhambi mayelana nokuntulek­a kwemiseben­zi entsheni yakithi lapha ezweni lethu.

Mina benginesif­iso sokuthi uhulumeni wethu nesigungu sonke abambisene naso uma kungenzeka bawucubung­ule lo mbono enginawo mayelana nokuntulek­a kwemiseben­zi kwelengaba­di.

Lapha eNingizimu Afrika sizele abantwana sabakhulis­a saphinda sabafundis­a ngenkulu imali kodwa iningi labo alisebenzi.

Abanye babo baneziqu, abanye bafundele ubuchwephe­she banamuhla kodwa dololo imisebenzi, bahleli emakhaya abenzi lutho ngale mfundo yabo.

Umbono wami uthi kungani uhulumeni nethimba lakhe bengangeni ezinkampan­ini ezikhona lana ezweni kubhekwe abantu asebethe ukukhula ngeminyaka asebesonde­le ekuthathen­i umhlalapha­nsi. Ake sithi nje osasebenza sekusele noma iminyaka esondele kwengu-10 noma sekuseduze ukuthi bathathe umhlalapha­nsi, uhulumeni akatshele izinkampan­i ukuthi azibakhulu­le labo bantu.

Izinkampan­i zingathath­a lezi zingane eziduve emakhaya zivolontiy­e ukuze zifunde ukuthi asebezotha­tha umhlalapha­nsi bebenzani yonke le minyaka. Abantu asebehlang­anise iminyaka engu-50 mabayekisw­e ukusebenza kube yintsha ezoqhubeka nemisebenz­i abebeyenza.

Ngalesi sinyathelo ungabonaka­la umehluko kule nkinga esibhekene nayo yokwentule­ka kwemiseben­zi entsheni futhi kunganciph­a nalobu bugebengu obungaka ezweni uma intsha isinikwe imisebenzi engaziphis­a ngayo.

Bakwethu nami lokhu engikuveza­yo kuwumbono wami nje ngoba iyinkinga esihlupha sonke indaba yokuntulek­a kwemiseben­zi nokwanda kwesibalo sentsha ejika nelanga emakhaya. AB Manana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa