Siyameseka unogada owadelelwa yibhunu

Isolezwe - - IMIBONO -

MaVerstan Ndwandwe ESHOWE MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni ngithi ake ngiphawule ngodaba lukanogada e-Ashley Sports Ground, ePinetown owadelelwa yibhunu. Uma lolu daba lwaziwa esiteshini samaphoyisa ePinetown abomthetho mabangalunyatheli kodwa abaluthathele izinyathelo.

Sesaphela isikhathi sobandlululo. Sikhathele amabhunu ahlukumeza abantu. Lesi senzo sokuthimisela umuntu ngamathe siwukwedelela okuphindiwe okufana nakho ukubiza umuntu ngegama eliqala ngo-K. Ukube lo nogada walishaya ibhunu mhlawumbe ngabe umisiwe emsebenzini.

Sibonga isibindi sakhe sokulusukumela lolu daba angesabi. Nathi singumphakathi siyameseka siyojabula ukubona isiphetho sale ndaba. Edmund Ngcobo EHAMMARSDALE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.