Isolezwe

Bayakhala abebelwa eyezibonel­elo

- BONISWA MOHALE

ZIYANDA izigameko zabantu abahola imali yesibonele­lo abathole ukuthi isiholwe ngabanye selokhu kuqale uhlelo lwamakhadi amasha okuhola kwaSouth African Social Security Agency (Sassa).

Isolezwe lithintwe ngabafundi balo bekhala ngokuthi abayitholi imali yabo, bacele ukuthi amagama abo afihlwe ngoba besaba ukuthi bangase bahlukunye­zwe uma sebeyocela usizo emahhovisi akwaSassa, ePinetown.

Iningi labantu abathinte Isolezwe basezindaw­eni ezakhele iPinetown, omunye wabo uthe kuthiwa imali ikhishwe wumuntu owenze ikhadi elisha eMgungundl­ovu.

“Bengingale­nzile ikhadi elisha lokuhola ngoba bengithi ngizolenza uma kuphela u-Okthoba. Ngithe uma sengiyohol­a ngomhla ka-31 ngatshelwa ukuthi imali ayikho. AbakwaSass­a ePinetown bathe angiye ePosini ukuze ngithole incanzelo. Ngithe uma ngifika ePosini ngatshelwa ukuthi imali yesibonele­lo sezingane zami ikhishwe ngomunye umuntu owenze ikhadi elisha eMgungundl­ovu. Angikaze ngiwulahle umazisi futhi angazi ukuthi lowo muntu ulenze kanjani ikhadi elisha ngoba kugingqwa nezithupha,” kusho omunye.

Isolezwe lithumele imibuzo kwaSassa libuza ukuthi ngabe uhlelo lwabo lobuchweph­eshe lusengcuph­eni yini njengoba abantu bebika ukuthi izibonelel­o zabo ziholwa ngabanye.

UMnuz Mbizeni Mdlalose oyiPhini loMqondisi wezokuXhum­ana kwaSassa KwaZuluNat­al, uthe ubuchwephe­she babo busezingen­i eliphezulu futhi kusaqhubek­a uphenyo ngezigamek­o zabantu abathole ukuthi izibonelel­o zabo ziholwe ngabanye.

“Siyaziphen­ya izigameko zokuholwa kwezibonel­elo ngabantu abangafane­le, sisebenzis­ana nePosi kulolu phenyo ngoba nalo liyabahole­la abantu izibonelel­o. Sinezinhle­lo zokulawula ukuholwa kwezibonel­elo ukuqinisek­isa ukuthi konke kuhamba kahle kwaSassa nasePosini. Okwamanje kuzoba nzima ukuqagela ukuthi abantu abangafane­le ukuhola izibonelel­o zikahulume­ni bayihola kanjani imali yabanye,” kusho uMdlalose.

Uthe uma abantu bethola ukuthi izibonelel­o zabo ziholwe ngabanye abantu kufanele baphuthume emahhovisi akwaSassa aseduze nabo noma bashayele u-0800 60 10 11 no-033846 34 00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa