Imizamo yokulwa nokwebiwa kwemfuyo
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi eKZN, uMnuz Mxolisi Kaunda, usenxuse umphakathi okuMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma esifundeni iHarry Gwala ukuthi ulwe nokwebiwa kwemfuyo.
UKaunda usho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabalimi, izinhlaka ezilwa nobugebengu nabezomthetho kule ndawo.
Uthe yize ukwebiwa kwemfuyo bekuyinkinga kule ndawo kodwa amaphoyisa asenze umsebenzi omkhulu ngokubopha abasolwa abangu-42 ngamacala okwebiwa kwemfuyo kulesi sifunda.
Umhlangano kaKaunda nezinhlaka ezehlukene kulesi sifunda ubuyingxenye yomkhankaso wenyanga yezokuphepha, uNovemba.
Ngale nyanga umnyango uhlangana nemiphakathi ukhulume nayo ngezinkinga ezikhona ezindaweni zayo, kuba nezivimbamgwaqo ezindaweni ezehlukene, kubhekwa abafunelwa amacala ehlukene, kumiswa izimoto kubhekwe izibhamu ezingekho emthethweni nezidakamizwa.
Izibalo zakamuva zobugebengu kuleli zikhomba ukuthi iHarry Gwala ikleliswe yaba ngeyesithathu esifundazweni, yaba ngeka-10 kuzwelonke ngamacala okwebiwa kwemfuyo. Lesi sifunda sinamacala angu-377 abikwe kusona kusukela ngo-Ephreli nonyaka. Amaphoyisa asehlonze iBulwer, Ixopo, iMpendle noMzimkhulu njengezindawo ezihamba phambili ngokwebiwa kwemfuyo kodwa kusukela ngo2014 kuthiwa kwehlile ukwebiwa kwemfuyo kulesi sifunda.
“Yize sincoma amaphoyisa ngomsebenzi omuhle wokwehlisa lolu hlobo lobugebengu, sisakhathazekile ngesibalo esiphansi sokutholwa kwemfuyo esuke yebiwe ngakho sinxenxa amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa abike amacala okwebiwa kwemfuyo kusanesikhathi,” kusho uKaunda.
Uthe amaphoyisa asezibophezele ekutheni azokwenza ngcono indlela yokuphepha nokuqinisekisa ukusebenza komthetho wokuhlonza imfuyo bese ethungatha abasolwa.
UKaunda uqinisekise umphakathi ukuthi uhulumeni, ikakhulukazi umnyango wakhe, owezolimo nomasipala, bazoba nemikhankaso yokuqwashisa imiphakathi ngokwebiwa kwemfuyo baphinde bafundise abanikazi bemfuyo ngezindlela zokuyiqapha nokuyimaka. Unxuse omasipala ukuthi basebenzisane namakhosi nezinduna ukuze kube nesiqiniseko sokuthi amalungu omphakathi ayakwazi ukubona imfuyo esitholiwe.