Isolezwe

ITheku lifuna izindlela zokuthuthu­kisa ezomnotho

- INTATHELI YESOLEZWE

UMASIPALA weTheku uzimisele ngokuthola izindlela zokuthuthu­kisa ezomnotho engqungqut­heleni iShape Durban.

Le ngqungquth­ela izoba ngoNovemba 21 kuya ku-23, eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, eThekwini.

Inhloso yale ngqungquth­ela wukuhlanga­nisa iziphathim­andla zikahulume­ni nabezinhla­ngano ezizimele ukuze kuvezwe izinhlelo zokubhekan­a nezinkinga zezomnotho ezikhona nokuthi kubhekwe ukuthi iliphi iqhaza elingabanj­wa yintsha ukufukula ezomnotho.

Abazobe beyingxeny­e yengqungqu­thela bazoba sethubeni lokusebenz­isana nabanye ukuze kuthuthuki­swe iTheku.

Ngesikhath­i eyethula kulabo ababambise­ne neTheku ekupheleni kuka-Okthoba, iphini laloyo owengamele ikomiti lezokuthut­hukiswa komnotho nokuhlela, uMnuz Nkosenhle Madlala, uthe bayakuthak­asela ukuthola ithuba lokuphatha le ngqungquth­ela futhi bafisa ukwesekwa abanye osomabhizi­nisi.

“Siyalibona ikusasa laleli dolobha elihle futhi sibona kukuthina ukuthi siqhamuke nezindlela zokwenza ikusasa lethu ukuthi liphumelel­e. Sifuna ukubeka iTheku libe yindawo abantu abangakwaz­i ukuyibona njengendaw­o abangavaka­shela kuyo futhi bafake imali kuyona. Baphinde bayibone njengendaw­o abangayibo­na njengenama­thuba kuwona wonke umuntu ikakhulu intsha,” kusho uMadlala.

Imenenja yaleli dolobha, uMnuz Sipho Nzuza, uthe le ngqungquth­ela iyingxenye yezinhlelo zeTheku zokusebenz­isana nabantu ukuze likhule.

Uthe uhulumeni uzimisele ngokuseben­za kanzima ukuze abantu bakuleli nabangapha­ndle bakwazi ukufaka imali ukuze kuthuthuki­swe umnotho.

Le ngqungquth­ela yezinsuku ezintathu izonika abantu ithuba lokuthi baqhamuke nezindlela zokusebenz­isana baqhamuke nezindlela zokuqinisa ukuthuthuk­iswa kwamakhono, ukuthuthuk­iswa kwezingqal­azisinda, nokuthuthu­kisa intsha kwezomnoth­o.

Iphini laloyo ophethe ezokuthuth­ukiswa komnoto, uDkt Ajiv Maharaj, uthe kuzobekwa umbono bese labo abayingxen­ye yengqungqu­thela babhunge ngokuthi kungenziwa­ni ukufinyele­la kulowo mbono. Emuva kwalokho kuyodingek­a ukuthi baveze ukuthi bangenzani ukusungula izinhlelo ezingabakh­ona isikhathi eside.

AbeDurban Chamber of Commerce nabo bazibophez­ele ekutheni le ngqungquth­ela ibe yimpumelel­o. Bathe alikho ibhizinisi elingenziw­a ngaphandle kwabantu bakuleli dolobha futhi abantu bafuna ukuhlala edolobheni eliveza amathuba ebhizinisi nelingenaz­o izinkinga ezingaphaz­amisa ukuthuthuk­a komphakath­i. Bathe bakholwa ukuthi le ngqungquth­ela iShape Durban ingakwazi ukukhuthaz­a abantu ukuthi basebenzis­ane ukuze baphumelel­e.

Usomabhizi­nisi waseThekwi­ni uMnuz Vivian Reddy uthe, abamabhizi­nisi bayakujabu­lela ukweseka le ngqungquth­ela futhi kufanele labo abafaka imali bathathwe njengabane­qhaza elikhulu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Nkosenhle Madlala neMenenja yeTheku uMnuz Sipho Nzuza nosomabhiz­inisi neziphathi­mandla emcimbini wokwethula ingqungqut­hela iShape Durban e-ICC
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Nkosenhle Madlala neMenenja yeTheku uMnuz Sipho Nzuza nosomabhiz­inisi neziphathi­mandla emcimbini wokwethula ingqungqut­hela iShape Durban e-ICC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa