Osempeshenini useyisikhulu sesikhashana kwaTransnet

Isolezwe - - EZOMNOTHO - BONISWA MOHALE

KULANDWE owayeyisikhulu seTransnet Port Terminal kumhlalaphansi, uMnuz Tau Morwe ukuba azoba yisikhulu esiphezulu sesikhashana kwaTransnet emuva kokuxoshwa kukaMnuz Siyabonga Gama.

UMorwe uqokwe wuSihlalo weBhodi lakwaTransnet, uMnuz Popo Molefe ukuba azobamba njengesikhulu esiphezulu kule nkampani kusukela ngoNovemba 1 kulo nyaka kuze kube wu-Ephreli 30 wonyaka ozayo.

UMorwe wathatha umhlalaphansi ngo-2015 kodwa uMolefe uthe babone kunguye ofanelwe wukubamba okwesikhashana ngenxa yesipiliyoni anaso.

Kulandwa uMorwe nje obeyisikhulu sale nkampani uMnuz Siyabonga Gama usalwa nokuxoshwa kwakhe njengoba lolu daba elufake enkantolo ngoba ukholwa wukuthi waxoshwa ngendlela engekho semthethweni.

UMolefe wathi uxoshe uGama ngenxa yokuthi akabuthembi ubuholi bakhe futhi abasebenzisani kahle hhayi ngoba kukhona okuphambene nomthetho akwenzile.

Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba uMolefe uthe isiphakamiso sabo sokuthi kubambe uMorwe siphasiswe nguNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan.

Ube esethi uMorwe unesipiliyoni seminyaka ewu-17 esebenza ophikweni oluhlukene kwaTransnet abale kuso nokuphatha uphiko lweFreight Rail njengesikhulu esiphezulu, iNational Ports Authority kanjalo nePort Terminals.

Uthe kubalulekile nokukhumbula ukuthi uMorwe uke waphatha iPort Management Association of Eastern and Southern Africa kusukela ngo-2011 kuze kube wu-2014.

UMorwe uneziqu zeBA Economics azithola eHoward University yase-USA nezinye azithola eNational University yaseSingapore.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.