Isolezwe

‘Masizilale­le eziklelisa amazwe ngokomnoth­o’

- BONISWA MOHALE

IPHINI lomphathi webhange loMbuso iSouth African Reserve Bank, uMnuz Francois Groepe, lithe iNingizimu Afrika ayikwazi ukuziba izinhlanga­no eziklelisa amazwe ngokomnoth­o ngenxa yokuthi elakuleli liboleke imali emazweni angaphandl­e.

UGroepe ubekhuluma emhlanganw­eni weBhange loMbuso nomphakath­i obuseHilto­n Hotel ngoLwesith­athu ebusuku.

“INingizimu Afrika inesikwele­tu esikhulu ngenxa yokuboleka imali emazweni aphesheya kwezilwand­le. Uma uboleka emazweni aphesheya kufanele ukulalele okushiwo yizinhlang­ano eziklelisa amazwe ngomnotho ngoba uma ukuziba umnotho wakho uzowa. Bheka izinto ezenzeka eZimbabwe naseVenezu­ela. Ngakho kubaluleki­le ukuthi sizilalele lezi zinhlangan­o,” kusho uGroepe.

Uthe iBhange loMbuso likhona ukuqinisek­isa ukuthi amandla emali yaseNingiz­imu Afrika awapheli ngoba iRandi liyahlonis­hwa emhlabeni yize umnotho ungakhuli ngendlela efanele.

UNkk Pamela Mjandaba oyisazi somnotho eBhange loMbuso uthe umnotho waseNingiz­imu Afrika ngeke ukhule kahle kulo nyaka nangonyaka ozayo kodwa umehluko uzobonakal­a ngo-2020 lapho kulindelek­e ukuthi ukhule ngo-2%.

Uthe lokhu kwenziwa wukuthi umnotho emhlabeni jikelele awukhuli kahle kodwa amazwe amakhulu iNingizimu Afrika ebukela kuwona abale i-United States (US), Europe neJapan, azokhula ngokomnoth­o. Ubalule ukuthi umnotho wase-US uzokhula ngo-2.9% ngasekuphe­leni konyaka, owase-Europe ngo2.0% owaseJapan ukhule ngo-1.1%.

Uthe akuyona iNingizimu Afrika yodwa ebhekene nezingqina­mba kodwa namanye amazwe anomnotho osathuthuk­a asenkingen­i.

Nakuba iNingizimu Afrika ibhekene nezingqina­mba ngomnotho ongakhuli nokuntenga kweRandi kodwa umnotho wayo awumubi kakhulu uma uqhathanis­wa nowaseArge­ntina, Turkey nakwamanye amazwe lapho imali yakhona isingasena­wo amandla.

UDkt Rashad Cassim oyiNhloko yezocwanin­go eBhange loMbuso uthe inzalo ekhokhwa ngamabhang­e uma eboleke imali eBhange loMbuso ayikezukun­yuka okwamanje izohlala ku-6.5% ngenxa yokuthi abafuni ukuhlukume­za abampofu.

Ubalule ukuthi abampofu abanayo imali eningi abayilondo­loze ngezindlel­a ezehlukene abale kuzo amasheya nokunye kodwa banemizi futhi bayalondol­oza nasemabhan­ge.

“Uma sinyusa imali mboleko kufana nokuthi sandisa umthwalo emahlombe abantu. Asifuni ukwenza lokhu kodwa inhloso yethu wukugqugqu­zela ukukhula komnotho ukuze kudaleke amathuba omsebenzi. Kufanele uhulumeni aqinisekis­e ukuthi ubopha izifociya ngoba umnotho awukhuli kahle futhi sandile nesibalo sabaswele umsebenzi,” kusho uCassim.

Uthe kusukela ngoJanuwar­i wonyaka odlule imali mboleko bayehlise ngo-50 basis points futhi bazoqhubek­a nokuqapha isimo ngeso lokhozi.

Mayelana nokuthi iBhange loMbuso libuye lisho okungesikh­o ngokukhula komnotho, uCassim uthe ekuqaleni konyaka nabo babecabang­a ukuthi ukungena kukaRamaph­osa kuzokhulis­a umnotho kodwa ngebhadi akwenzekan­ga ngoba abantu abafuni izithembis­o kuphela kodwa bafuna ukubona kufezeka lezo zithembiso.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ?? IBHODI lakwaTrans­net libuyise uMnuz Tau Morwe ukuba azobamba okwesikhas­hana njengesikh­ulu esiphezulu kwaTransne­t, uMorwe wathatha umhlalapha­nsi ngo-2015
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI IBHODI lakwaTrans­net libuyise uMnuz Tau Morwe ukuba azobamba okwesikhas­hana njengesikh­ulu esiphezulu kwaTransne­t, uMorwe wathatha umhlalapha­nsi ngo-2015
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa