AbakwaMkhwanazi abasangene emathuneni iLalakahle
UMNDENI kasomabhizinisi obedumile eThekwini ongasekho, uMnuz Don Mkhwanazi, uyaziqhelelanisa namathuna aseLalakahle eBothas Hill obekwaziwa ukuthi awakhe.
UMkhwanazi obengomunye wosomabhzinisi abahlonishwayo futhi ehamba phambili ezinhlelweni zokufukulwa kosomabhizisi abamnyama, iBEE.
UMnuz Sifiso Mkhwanazi womndeni kamufi, uthe bafuna umphakathi wazi ukuthi bona bewumndeni abasahlanganise lutho namathuna aseLalakahle.
“Abanye abanikazi bamathuna okuyibo abangabanikazi bomhlaba okukhona kuwo amathuna basitshela ukuthi kukhona izinto abazenza ebezidinga imali bahlanganisa bodwa thina singazi, nokuthe uma sixhumana nabo basitshela ukuthi kumele nathi sikhiphe imali, savele sathatha isinqumo sokuhoxa endabeni yawo,” kusho uSifiso.
Uthe into ebakhathazayo wukuthi abantu bashayela bona uma benezinkinga emathuneni ngoba bazi ukuthi ngawabo.
“Sihlale sithola izikhalo kumalungu omphakathi mayelana nendaba yamathuna. Kukhona nje osanda kusithinta wathi wakhokha uR7 000 kusekhona ubaba wathi kuthe esefuna ukusebenzisa indawo yakhe watshelwa ukuthi akakhokhe enye imali,” kusho uSifiso.
Uthe umufi ubesebenzisana nowoMdabu waseNdiya enkampanini yabo iHlahlindlela Investments PTY Ltd.
“Nasebhizinisi lemikhumbi ubhuti abelisebenza nalona womdabu waseNdiya sigcine siwadayisa amasheya akhona ngoba besibona ukuthi sengathi asamukelekile kahle,” kusho uSifiso.
Uphinde wakhala ngokuthi abagculisekile ngendlela umufi ashona ngayo. UMkhwanazi, obesondelene kakhulu nobengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ushone ngo-2016, ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashana.
“Ubhuti wagula esemcimbini eMhlanga washona ngesikhathi esendleleni ephuthunyiswa esibhedlela. Akekho owaziyo ukuthi yini eyambulala kodwa sinakho ukusola ukuthi mhlawumbe ukushona kwakhe kunesandla semfene,” kusho uSifiso.