Isolezwe

AbakwaMkhw­anazi abasangene emathuneni iLalakahle

- MLUNGISI GUMEDE

UMNDENI kasomabhiz­inisi obedumile eThekwini ongasekho, uMnuz Don Mkhwanazi, uyaziqhele­lanisa namathuna aseLalakah­le eBothas Hill obekwaziwa ukuthi awakhe.

UMkhwanazi obengomuny­e wosomabhzi­nisi abahlonish­wayo futhi ehamba phambili ezinhlelwe­ni zokufukulw­a kosomabhiz­isi abamnyama, iBEE.

UMnuz Sifiso Mkhwanazi womndeni kamufi, uthe bafuna umphakathi wazi ukuthi bona bewumndeni abasahlang­anise lutho namathuna aseLalakah­le.

“Abanye abanikazi bamathuna okuyibo abangabani­kazi bomhlaba okukhona kuwo amathuna basitshela ukuthi kukhona izinto abazenza ebezidinga imali bahlangani­sa bodwa thina singazi, nokuthe uma sixhumana nabo basitshela ukuthi kumele nathi sikhiphe imali, savele sathatha isinqumo sokuhoxa endabeni yawo,” kusho uSifiso.

Uthe into ebakhathaz­ayo wukuthi abantu bashayela bona uma benezinkin­ga emathuneni ngoba bazi ukuthi ngawabo.

“Sihlale sithola izikhalo kumalungu omphakathi mayelana nendaba yamathuna. Kukhona nje osanda kusithinta wathi wakhokha uR7 000 kusekhona ubaba wathi kuthe esefuna ukusebenzi­sa indawo yakhe watshelwa ukuthi akakhokhe enye imali,” kusho uSifiso.

Uthe umufi ubesebenzi­sana nowoMdabu waseNdiya enkampanin­i yabo iHlahlindl­ela Investment­s PTY Ltd.

“Nasebhizin­isi lemikhumbi ubhuti abeliseben­za nalona womdabu waseNdiya sigcine siwadayisa amasheya akhona ngoba besibona ukuthi sengathi asamukelek­ile kahle,” kusho uSifiso.

Uphinde wakhala ngokuthi abagculise­kile ngendlela umufi ashona ngayo. UMkhwanazi, obesondele­ne kakhulu nobengumen­gameli, uMnuz Jacob Zuma, ushone ngo-2016, ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashan­a.

“Ubhuti wagula esemcimbin­i eMhlanga washona ngesikhath­i esendlelen­i ephuthunyi­swa esibhedlel­a. Akekho owaziyo ukuthi yini eyambulala kodwa sinakho ukusola ukuthi mhlawumbe ukushona kwakhe kunesandla semfene,” kusho uSifiso.

 ?? Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE ?? USOMABHIZI­NISI ongasekho uMnuz Don Mkhwanazi umndeni wakhe osuveze ukuthi usuphumile emabhizini­sini akhe ngenxa yezinkinga
Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE USOMABHIZI­NISI ongasekho uMnuz Don Mkhwanazi umndeni wakhe osuveze ukuthi usuphumile emabhizini­sini akhe ngenxa yezinkinga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa