Unemibuzo uyise wobulewe
UFUNA ukwazi ukuthi yabulawelani indodana yakhe uyise wesitshudeni saseUniversity of Zululand esangenelwa abalisa abangaziwa basidubula sashonela endlini yaso.
Uyise kaMnuz Frank Chirwa (27) owabulawa abalisa abamngenela endlini yakhe bamdubula washona ngo-Okthoba 2016 uthe namanje usafisa ukuthola izimpendulo kubabulali. Kuthiwa kwangena abantu bakhomba indodana yakhe eyayenza izifundo zeBCom Banking nomngani wayo ngezibhamu bathi abalale phansi kodwa baphinde badubula indodana yakhe emuva kokuthi izame ukuvuka ngoba ibona ukuthi omunye walaba balisa akasiphethe isibhamu.
Uyise kaFrank, uMnuz Blessing Chirwa (49) ubekhuluma njengoba kulungiselelwa ukuqulwa kwecala elibhekene nabalisa ababili uMnuz Nhlakanipho Mkhwanazi (20) noMnuz Khanyisani Khumalo (20) abasolwa ngokubulala indodana yakhe eNkantolo eNkulu eMthunzini.
UChirwa uthe namanje akukavumi ukuthi adlulise ukubulawa kwendodana yakhe.
Uthe ufuna ukuthola iqiniso ngokuthi yabulawelani.
“Ngifuna basho ukuthi bambulalelani. Kungani bengathathanga izinto ezazisendlini yakhe ngoba izinto ezazikhona zazingabiza uR200 000, phezu kwalokhu kwakukhona nemoto yakhe nayo ebizayo. Abakuthathanga konke lokhu okwakukhona kodwa bathatha iselula kuphela. Okunye okungenza ngikholwe ukuthi kukhona okufanele bakuchaze ukuthi kukhona abantu abasebekhombise ukuthi banomona ngoba indodana yami isungule isikole sokusiza izitshudeni ezazinezinkinga zokufunda futhi babengathandi uma esiza abanye,” kusho uChirwa.
Uthe uma kuqhubeka icala ufisa ukuthi aze afinyelele ekutheni akwazi ukuthobeka umoya ngoba namanje usazilele indodana yakhe.
UKhumalo noMkhwanazi kulindeleke ukuthi kuqalwe ukuqulwa kwecala labo emuva kokuthi beboshwe besePaulpietersburg ngamanye amacala okubalwa kuwo awokuphanga base bemataniswa naleli cala.
UChirwa ubonge amaphoyisa ngokubopha abasolwa. NgoNovemba 2016 leli phephandaba labika ukuthi ukhiphe umehlokaboni kaR100 000 kowayengaqhamuka nolwazi mayelana nokubulawa kwendodana yakhe. Unxuse abantu ukuthi baqhubeke nokubeseka uma abasolwa bevela enkantolo.