Isolezwe

Unemibuzo uyise wobulewe

- LUNGI LANGA

UFUNA ukwazi ukuthi yabulawela­ni indodana yakhe uyise wesitshude­ni saseUniver­sity of Zululand esangenelw­a abalisa abangaziwa basidubula sashonela endlini yaso.

Uyise kaMnuz Frank Chirwa (27) owabulawa abalisa abamngenel­a endlini yakhe bamdubula washona ngo-Okthoba 2016 uthe namanje usafisa ukuthola izimpendul­o kubabulali. Kuthiwa kwangena abantu bakhomba indodana yakhe eyayenza izifundo zeBCom Banking nomngani wayo ngezibhamu bathi abalale phansi kodwa baphinde badubula indodana yakhe emuva kokuthi izame ukuvuka ngoba ibona ukuthi omunye walaba balisa akasipheth­e isibhamu.

Uyise kaFrank, uMnuz Blessing Chirwa (49) ubekhuluma njengoba kulungisel­elwa ukuqulwa kwecala elibhekene nabalisa ababili uMnuz Nhlakaniph­o Mkhwanazi (20) noMnuz Khanyisani Khumalo (20) abasolwa ngokubulal­a indodana yakhe eNkantolo eNkulu eMthunzini.

UChirwa uthe namanje akukavumi ukuthi adlulise ukubulawa kwendodana yakhe.

Uthe ufuna ukuthola iqiniso ngokuthi yabulawela­ni.

“Ngifuna basho ukuthi bambulalel­ani. Kungani bengathath­anga izinto ezazisendl­ini yakhe ngoba izinto ezazikhona zazingabiz­a uR200 000, phezu kwalokhu kwakukhona nemoto yakhe nayo ebizayo. Abakuthath­anga konke lokhu okwakukhon­a kodwa bathatha iselula kuphela. Okunye okungenza ngikholwe ukuthi kukhona okufanele bakuchaze ukuthi kukhona abantu abasebekho­mbise ukuthi banomona ngoba indodana yami isungule isikole sokusiza izitshuden­i ezazinezin­kinga zokufunda futhi babengatha­ndi uma esiza abanye,” kusho uChirwa.

Uthe uma kuqhubeka icala ufisa ukuthi aze afinyelele ekutheni akwazi ukuthobeka umoya ngoba namanje usazilele indodana yakhe.

UKhumalo noMkhwanaz­i kulindelek­e ukuthi kuqalwe ukuqulwa kwecala labo emuva kokuthi beboshwe besePaulpi­etersburg ngamanye amacala okubalwa kuwo awokuphang­a base bematanisw­a naleli cala.

UChirwa ubonge amaphoyisa ngokubopha abasolwa. NgoNovemba 2016 leli phephandab­a labika ukuthi ukhiphe umehlokabo­ni kaR100 000 kowayengaq­hamuka nolwazi mayelana nokubulawa kwendodana yakhe. Unxuse abantu ukuthi baqhubeke nokubeseka uma abasolwa bevela enkantolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa