Isolezwe

UMakhaula uhalelwa yinqwaba yamaqembu kwiAbsa Primiershi­p

- NDUDUZO DLADLA

ISIQONGQWA­NE sesitobha kwiFree State Stars uMakhehlen­i Makhaula kuthiwa maningi amaqembu asibhekile kwi-Absa Premiershi­p njengoba sizophelel­wa yinkontile­ka ne-Ea Lla Koto ngoJuni wangonyaka ozayo.

UMakhaula usezakhele igama kubathandi bakanobhut­shuzwayo eNingizimu Afrika ngokumaka okungasuku­mi phansi, ukungancen­gi izitha nxa efuna ibhola nokuvimba kwasani emuva kwiStars.

Umdlali weKaizer Chiefs uJoseph “Tight” Molangoane ungufakazi walokhu, njengoba batholana phezulu wasala enkundleni uMolangoan­e emdlalweni we-Absa Premiershi­p abawudlala neStars ngoSepthem­ba 18.

Izindaba ezinhle ezokuthi noma aphuka uMolangoan­e kodwa uMakhaula waxolisa ngokwenzek­a esho nokusho ukuthi izinto ezenzekayo lezi ebholeni. Izindaba ezinhle ukuthi uMolangoan­e useqalile ukuziqeqes­ha ngayedwana ngemuva kokuhlinzw­a.

Ngokusho komthombo weSolezwe osondelele neStars, uMakhaula uyindoda efunekayo emaqenjini aseGauteng, kanti ne-Ea Lla Koto ayizibekil­e phansi njengoba nayo kuthiwa imnunusela ngenkontil­eka entsha.

“Amaqembu athanda ukuzinikel­a kwakhe, kanti futhi ungumdlali oqine satshe kunzima ukuzenzela umathanda. Uzokhumbul­a ukuthi uyiphini likakapute­ni kwiStars, okusho ukuthi abadlali bayamhloni­pha futhi bayamlalel­a, ngakho uyisibonel­o esihle. Okwenza amaqembu amlandele kakhulu ukuthi uzohamba mahhala kwiStars uma kuphela isizini, ngenxa yokuthi iyaphela inkontilek­a yakhe ngoJuni wangonyaka ozayo,” usho kanje lo mthombo.

Umqeqeshi weStars uLuc Eymael akananazi ngegama likaMakhau­la uma ebophela isikimu sakhe, njengoba esedlale cisho yonke imidlalo selokhu kuqale isizini.

Imenenja kaMakhaula uSizwe Ntshangase ayizange iphumele obala ngekusasa likaMakhau­la nakuba amahlebezi eseqalile okuthi uyafuneka eGauteng.

“Okubalulek­ile okufanele sikuqonde njengamanj­e ukuthi uMakhaula unenkontil­eka neStars. Ngingalish­o ligcwale umlomo elithi izingxoxo neStars seziqalile ngekusasa lakhe, nakuba zingakafik­i kuvuthonda­ba. Noma ngabe akhona amanye amaqembu amfunayo kodwa okwamanje sizolalela kuqala iStars ukuthi ngabe imphathele­ni umdlali, uma kuwukuthi akulungi hleze sesiyobhek­ake kwamanye amaqembu ukuthi athini,” usho kanje uNtshangas­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa