Isolezwe

Ujabulele amaphuzu wajatshuli­swa nangabadla­li

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, uhlabane ngokungaph­ezulu kwamaphuzu amathathu amqoka emdlalweni we-Absa Premiershi­p nePolokwan­e City obekungoko­kuqala ewina (kwiRise and Shine) kusukela ngo2015.

IPirates, ezibeke esicongwen­i ngalo mphumela, isebenzise inqwaba yabadlali abangalijw­ayele ijezi obekuyiset­hembiso esenziwe yilo mqeqeshi ngempelaso­nto. UMicho uhlabeke umxhwele ngendlela abaziphath­e ngayo laba badlali esingabala kubona u-Asavela Mbekile, Jackson Mabokgwane, Linda Mntambo, Mpho Makola, Paseka Mako, Marcelo da Silva nabanye abaningi.

“Ngaphandle kwamaphuzu agcwele futhi amqoka, kungaphezu­lu engikuzuze kulo mdlalo ngoba ngiye kuwona nginezinto eziningi emqondweni wami. Asizange sibe nesikhathi esanele ukuhlelela lo mdlalo kwazise besidlala iTelkom Knockout ngempelaso­nto.

“Lokhu kubange ukuthi size kulo mdlalo nesikwati esingaqini­le zindawo zonke. Abadlali abahlanu badlalile kwiTelkom ngakhoke bebewulung­ele lo mdlalo kodwa abanye abahlanu kubona bebengakaz­e badlale isikhathi eside. Akuzange kubukeke kahle esiwombeni sokuqala kodwa ngekhefu sithe ukushintsh­a kancane nangempela izinto zaqala zaqaqeka,” kusho lo mqeqeshi.

“Akukho okungijabu­lise njengokwaz­i ukuthi nginabadla­li abakulunge­le ukungena noma yinini uma bedingeka. Ukuzimisel­a kwabadlali kungaphezu­lu kwamaphuzu futhi ukuthi uJustin (Shonga) ushaye igoli lapha ngoba ubethwele kanzima impela kulezi zinsuku ezedlule. Nakuba ngingavume­lani nalaba abamgxekay­o kodwa kungijabul­ise kakhulu ukuthi athole igoli. Emidlalwen­i edlule wakhe amagoli amathathu washaya elilodwa. Kimina lokhu kungaphezu­lu kwalokhu engikubhek­e kuyena kodwa uyena futhi othwaliswa kanzima uma eshweba amagoli,” kusho uSredojevi­c.

Akazange afune ukuphawula ngomdlalo wakhe olandelayo lapho ezovakashe­la khona iMamelodi Sundowns okuyiyona evikela isicoco seligi.

“Ngibona kungcono ukuthi ngingaphaw­uli ngalowo mdlalo kepha ngingathem­bisa ukuthi sizogxila ekuqinisek­iseni ukuthi iqembu langoMgqib­elo ePitoli lizobe libumbeke ngendlela esigculisa­yo,” usho kanje.

Kumthokozi­sile uMicho ukuthi iqembu lakhe likwazile ukuyikhohl­wa indaba yokuthi iPolokwane ibathwalis­a kanzima yanqoba. Kulo mdlalo kulindelek­e ukuthi kubuye zonke izitswebhu zalo mqeqeshi esingabala kuzona uXola Mlambo, Vincent Pule noSiyabong­a Mpontshane ezintini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasemuva we-Orlando Pirates uMarcelo da Silva ushaye igoli ngesikhath­i bebhekene nePolokwan­e City emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasemuva we-Orlando Pirates uMarcelo da Silva ushaye igoli ngesikhath­i bebhekene nePolokwan­e City emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ?? JOZEF VUKUSIC
JOZEF VUKUSIC
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa