AbeBanyana bathenjiswe izigidi ngeNdebe yoMhlaba

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

Isithombe: BACKPAGEPIX ABADLALI abanamava beBanyana Banyana abazothwala amathemba eNingizimu Afrika emqhudelwaneni i-Women’s Africa Cup of Nations ezoba seGhana maphakathi nenyanga bakhathazwa wukushonelwa yilanga bengakaze badlale kwiNdebe yoMhlaba .

IBanyana iku-Group B eqhathwe kuwo neNigeria, Zambia neKenya. Izovula neNigeria ngoNovemba 18. Amaqembu amathathu aqede phezulu azodlala kwiNdebe yoMhlaba ezoba seFrance ngonyaka ozayo.

ISafa ithe iyibekele imivuzo iBanyana uma ingene kwiNdebe yoMhlaba. Uma iqede endaweni yesithathu izohlukaniselana u-R1.2 million. Endaweni yesibili izohlomula ngo-R1.5 milion. Uma iwine i-Afcon kuzoba wu-R2.5 million nokuzosho ukuthi umdlali ngamunye uzothola u-R160 000.

Izolo eSafa House, eGauteng, umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, umemezele iqembu labadlali abawu-21 abazoyibamba kwi-Afcon ezoqala ngoNovemba 17 isongwe ngoDisemba 1. Ngaphezu kwalaba badlali umemezele abane azogada ngabo ingozi.

Umdlali waseswini, uMpume Nyandeni, uthe bengabadlali abadala eqenjini bafuna ukulisebenzisa ithuba labo lokugcina lokudlala kwiNdebe yoMhlaba. Uhambe emazwini kaNoko Matlou noJenine Van Wyk okungukuputeni.

“Siyakhuluma singabadlali ukuthi leli yithuba lethu lokugcina, kufanele sikhiphe konke esinakho. Ejimini umoya wobumbano uphezulu. Abaqeqeshi basilungiselele kahle. Iningi lethu thina badlali esibadala leli yithuba lethu lokugcina lokudlala kwiNdebe yoMhlaba. Sinalo ithuba lokuzibekisela indawo. Sinabadlali abasezingeni eliphezulu. Noma usibuka siziqeqesha, ngeke usho ukuthi kudlala amantombazane.

“Kodwa asikwazi ukugxumela okukude kunathi. Umdlalo wokuqala yiwona obalulekile emiqhudelwaneni. Siyazi ukuthi emiqhudelwaneni edlule besingenzi kahle emidlalweni yokuvula. Ngo-2016 sadlala ngokulingana ngo-2014 sahlulwa. Manje sibheke ukuthi silephule lelo rekhodi,” kusho uNyandeni.

UNyandeni usedlale kwiBanyana imidlalo engaphezu kuka-100. Ngo2011 uqokwe yiFifa waba kubadlali abawu-11 abagqugquzela intsha emhlabeni. Lapha wayeqokwe noLionel Messi noChristiano Ronaldo.

“Ngidlale nabadlali abaningi abehlukene kwiBanyana ngiqeqeshwa abaqeqeshi abahlukene. Kodwa angizange ngizikhukhumeze ngizitshele ukuthi ngiwumdlali omkhulu. Ngihlale ngizehlisile futhi ngifisa ukudlulisela amava ami kubadlali abasebancane eqenjini. Ekugcineni siyiqembu, siyadingana. Esizitshele khona njengoba siya kwiAfcon wukuthi kufanele sigxilise imiqondo yethu. Umdlalo wokuqala ubaluleke kakhulu. Kudingeka sinikele ngo-200%, hhayi u-100% uma sesibhekene neNigeria.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.