Isolezwe

‘Ngikhulule­kile ngokuhoxis­wa kwecala’

- NDUDUZO DLADLA

USIHLALO weMaritzbu­rg United, uFarook Kadodia, uthi usekhulule­ke ngaphakath­i emuva kokuthi iBidvest Wits ihoxise isimangalo sayo kwiPremier Soccer League (PSL).

Isimangalo seWits besisukela ekudlaleni kukaYannic­k Zakri, weTeam of Choice, ngaphandle kwekhadi emdlalweni wala maqembu ngoSepthem­ba.

Ngokusho kukaKadodi­a, ubengasabu­thi quthu ubuthongo emuva kokuthi uZakri edlale ngaphandle kwekhadi lePSL emdlalweni we-Absa Premiershi­p abawudlala neWits ngoSepthem­ba 15.

Umdlalo wawudlalel­wa eHarry Gwala Stadium, waphela ngo 0-0. Ngokomthet­ho wePSL, iqembu kufanele linikeze amakhadi ukhomishan­a ophethe umdlalo kusasele ihora umdlalo uqale. Ikhadi likaZakri lalingekho kodwa waqhubeka wadlala, okusho ukuthi wayephula umthetho.

Ikhadi likaZakri laze lafika ngaphambi kokuqala kwesiwombe sesibili. Ngemuva komdlalo iWits yafaka isimangalo kwiPSL ikhala ngokubanjw­a inkunzi yiMaritzbu­rg.

Lokhu akwehlanga kahle kuKadodia, okhala ngokuthi iWits ayikhombis­anga ubuntu ngokufaka icala ngoba ikhadi lagcina litholakel­e. NgoLwesibi­li bekulindel­eke ukuthi kuphume isinqumo ngecala kodwa konke lokho kugcine kungenzeka­nga ngenxa yokuthi abaphathi beZitshude­ni balihoxisi­le icala. “Sesikhulul­ekile ngoba besimincil­e ngenxa yalolu daba. IWits ilihoxisil­e icala, savumelana impilo iyaqhubeka. UZakri wabhaliswa sekusele amasonto amathathu kuqale isizini. Lokho kwenza ukuthi ikhadi lakhe liphuze ukufika, lahlangana namanye eqembu lethu leMultiCho­ice Diski Challenge (MDC). Okubalulek­ile wukuthi lolu daba lugcine selusombul­ulekile,” kusho uKadodia.

AmaZulu FC ngelinye iqembu laKwaZulu-Natal elidlala kwi-Absa Premiershi­p elisanda kujeziswa, aphucwe amaphuzu ayisithuph­a yinhlangan­o eyengamele ibhola emhlabeni iFifa. Usuthu lujeziswe kade lunqamule inkontilek­a yomdlali waseNamibi­a uPhineas Nambandi.

“Kusiphathe kabi ukuthi iWits ingabenzi ubuntu, ikhombise isihluku kithina. Yebo kwenzeka okwenzeka kodwa ekugcineni ikhadi balithola. Angifuni ukugxila kulokho nokho ngoba ekugcineni babonile ukuthi kwaba yiphutha elalingenz­eka kunoma wubani,” kusho uKadodia.

Uthe ukuhoxa kweWits kulolu daba kuzokwenza ukuthi uFadlu Davids nezakhe babhekane ngqo nomsebenzi wokususa iqembu endaweni embi kwi-log ye-Absa Premiershi­p. ITeam of Choice isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu ayisikhomb­isa emidlalwen­i eyisishiya­galombili.

Izobhekana neHighland­s Park emdlalweni weligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, kusasa ngo-8 ebusuku.

 ??  ?? MAKHEHLENI MAKHAULA
MAKHEHLENI MAKHAULA
 ??  ?? FAROOK KADODIA
FAROOK KADODIA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa