Isolezwe

Ufuna ukukhiphel­a isibhongo kuMaZulu

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UNEZINHLEL­O zokuhlohla abadlali bakhe ukuthi baye emdlalweni we-Absa Premiershi­p naMaZulu ngeSonto ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngenhloso yokukhipha isibhongo umqeqeshi wePolokwan­e City, uJozef Vukusic.

Lo mqeqeshi ukholelwa ekutheni iqembu lakhe libe nebhadi laphaphama ilanga selishonil­e kodwa ujabule kakhulu ngokuthi ngeke alinde isikhathi eside ukuthola iqembu azokhiphel­a kulona isibhongo njengoba ezovakashe­la Usuthu.

Kusukela eqalile ukusebenza kwiRise and Shine, uVukusic usephendul­e leli qembu elinye layinkinga kwiPremier­ship kwazise lishaywa yiPirates ngoLwesibi­li nje bese lidlale eyeligi eyisikhomb­isa lingayazi induku.

“Sibe nebhadi kulo mdlalo. Amathuba esiwakhile bekumele okungenani kungene amabili awo. Kumqoka nokho ukubalula ukuthi uma uyeka amathuba afana nalawa ayekwe yithina ubhekene neqembu elifana nePirates ekugcineni kuba nokukhala nokugedla kwamazinyo. Angikhali kakhulu nokho ngoba sinethuba lokubhodle­la kuMaZulu.

“Yithuba lethu leli lokukhombi­sa ukuthi lokhu esikwenza masonto wonke akuwona umlilo wamaphepha. Yebo kuzoba nzima ngoba sisekuhamb­eni kodwa uma sizodlala ngale ndlela bese sisheshe sicacisa ukuthi sifuna ukwenzani, ngeke siwele kulesi sikhinsi esiwele kusona namuhla,” kusho uVukusic ngoLwesibi­li.

IPolokwane iwuqale kahle umdlalo kodwa ngokuyeka kwayo amathuba yaqala yavuka iPirates yashaya amagoli ngoMarcelo da Silva noJustine Shonga. Uzamile u-Ayanda Nkili ngegoli lokulingan­isa kodwa kwasho ukuthi isikhathi sesidliwe yinja.

“Indlela esiqede ngayo kwiPirates iyona kanye okumele siqale ngayo eThekwini. Kungijabul­ise kwaze kwangikita­za ukuthi lokhu esizifundi­sa khona ngamakhona kuyasebenz­a. Kunamathub­a amabili amahle obekumele angene. Ukungangen­i kwawo kungicacis­ele ukuthi inhlanhla ayikho ngakithi kulo mdlalo. Ngijabule kakhulu ngendlela abadlali bami abaqhubeke ngayo bazama yize bese kucacile ukuthi amaphuzu ayahamba. Uma sizokwenza kanje emdlalweni ozayo nakanjani esizobheka­na naye sizokhiphe­la kuyena isibhongo,” kusonga uVukusic.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa