Isolezwe

Imdedele umqeqeshi iRoyal Eagles

- MINENHLE MKHIZE

ISIHLUKENE nomqeqeshi waseSerbia, iRoyal Eagles egijima kuNational First Division (NFD).

Ngesonto eledlule i-Eagles ilande umqeqeshi waseSerbia, uZlatko Krmpotic ngenhloso yokuthi azovala isikhala sikaRoger Sikhakhane osanda kudlula emhlabeni.

Lo mqeqeshi ubekhona iqembu lishaywa yiMaccabi FC ngo 2-1 ngempelaso­nto eChatswort­h Stadium kodwa ubengahlez­i ebhentshin­i ngenxa yokuthi ubengakawa­tholi amaphepha okusebenza eNingizimu Afrika.

Uzakhele udumo eqenjini laseZambia, iZesco United ebalwa nezikhondl­akhondla zamaqembu amakhulu e-Afrika.

UJames Dlamini oyimenenja jikelele yeqembu noSazi Ngubane bebeyibamb­e ebhentshin­i kwazise uKagiso Dikgacoi ongelinye lamaphini usamisiwe.

Isolezwe lihabule izindaba zokuthi lo mqeqeshi akasekho.

“Umqeqeshi akaseyona ingxenye yeqembu. Kodwa ungathinta uJames Dlamini akucacisel­e kahle ukuthi yini eholele ekutheni adedelwe,” kusho umthombo othembekil­e.

I-Eagles ngeke idlale ngale mpelasonto ngenxa yokuthi uSikhakhan­e obecija iqembu ufihlwa ngoMgqibel­o. Leli qembu bekumele libhekane neMbombela United ngosuku olufanayo. Umdlalo usuhlehlis­elwe uLwesithat­hu.

UDlamini ethintwa ngendaba yomqeqeshi uthe:”Kuyiqiniso ukuthi umqeqeshi akaseyona ingxenye yeqembu. Sithathe isinqumo sokuthi simkhulule ngenxa yokuthi sibonile ukuthi indaba yakhe yokuthola amaphepha izothatha isikhathi kanti nemidlalo iyaqhubeka. Indaba yakhe yamaphepha ibingaze ilunge ngemuva kwezinyang­a ezimbili. Ngemuva kwezinyang­a ezimbili sobe sesidlale uhhafu wemidlalo yeligi. Ngaleyo ndlela sifinyelel­e esinqumeni sokuthi kuhlukanwe ngoba vele besingakas­ayini.”

I-Eagles ihleli endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu12 emidlalwen­i ewu-10. Isele ngamaphuzu ayisishiya­galombili kwiStellen­bosch FC eqhwakele.

“Umqeqeshi simfisela inhlanhla lapho eya khona. Sizoqhubek­a nokuthunga­tha umqeqeshi omusha ozoyisa iqembu phambili. Okwamanje sisagxile ekutheni siphothule amalungise­lelo okufihlwa komqeqeshi wethu. Sishayeke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni,” kusho uDlamini.

Izolo uSikhakhan­e ubenzelwe inkonzo yesikhumbu­zo eCoastland­s Hotel eMhlanga.

“Iqembu liyaqhubek­a nokuzilolo­nga. Okwamanje iqembu lisaholwa nguSazi. Sesibheke ukuthola amaphuzu emidlalwen­i elandelayo,” kusho uDlamini. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama: Real Kings v Cape Umoya United (Sugar Raty Xulu Stadium); Witbank Spurs v Ajax Cape Town (Puma Rugby Stadium); Stellenbos­ch FC v Jomo Cosmos (Cape Town Stadium); Maccabi FC v Uthongathi FC (Dobssonvil­le Stadium); TS Sporting v Richards Bay (KwaBokweni Stadium)

NgeSonto: TS Galaxy v University of Pretoria (Kameelrivi­es Stadium, 3.3pm).

 ??  ?? ZLATKO KRMPOTIC
ZLATKO KRMPOTIC
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa