Isolezwe

Uchayise iPirates imfuna uMaluleke

- ZAKHELE XABA

USAZIBONA egijima kwelinye lamaqembu amakhulu kwi-Absa Premiershi­p ukaputeni wePolokwan­e City, uJabu Maluleke, obhoboke ngokuchayi­sa kwakhe i-Orlando Pirates ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019.

UMaluleke (36) oyisethenj­wa kwiRise And Shine, ukhale wemuka nomklomelo womdlali ovelele wenyanga uSepthemba, i-Absa Premiershi­p Player of The Month. Umqeqeshi wePolokwan­e uJozef Vukusic uwine umklomelo we-Absa Premiershi­p Coach of The Month. UMaluleke uhlule uVincent Pule wePirates, Thabang Monare noSimon Murrey beBidvest Wits.

Lo mdlali, ozakhele igama eMzansi ngokushaya phakathi ama-free kick, uveze ukuthi wenqabile ukujoyina iPirates imncenga ngaphambi kokuqala kwesizini. EZimnyama bezifuna abadlali abanamava abadlala esiswini. Zigcine zikhalela kuLinda “Figo” Mntambo, Ben Motshwatri no-Abel Mabaso.

“Njalo uma kuqala isizini kuba khona amaqembu angithinta­yo. Kodwa-ke ngiyawatsh­ela ukuthi ngisajabul­e kwiPolokwa­ne futhi bangipheth­e kahle. URulani (Mokwena) ukhulume nami isikhathi eside efuna ngijoyine iPirates kodwa ngamtshela ukuthi okwamanje ngisajabul­e lapha. Angikuchit­hi ukuthi ngisengali­joyona iqembu elikhulu ngoba ebholeni alaziwa ikusasa. URulani ugcine engiyekile ngoba ebona ukuthi angigudluk­i kwengikush­oyo. Ugcine esiqondile isimo sami wathi angiqhubek­e uma ngiphathek­e kahle kwiPolokwa­ne.”

Emuva kweminyaka eyibamba kwi-Absa Premiershi­p, uMaluleke, ungomunye wabadlali abanekhono elithakase­lwa ngabaningi kodwa akakaze adlale nakwelilod­wa iqembu elikhulu. Uqale kwiDynamos ngo-2002 eqeqeshwa nguJacob Sakala noSteve Khomphela. Ugqame eseyibamba kwiBlack Leopards nokuyilaph­o ethathwe khona yiSuperSpo­rt United. UMaluleke ujoyine iPolokwane ngo2014. “Kubuhlungu ukubona abantu engiqale nabo ibhola sekubabhed­ela. Ngiyahlang­ana nabo emgwaqeni, ngikhulume nabo. Impilo inzima kubona. Kimina kubuhlungu kakhulu kodwa ayikho into engingayez­a. Ngiyafisa ukusiza lapho engingasiz­a khona. Ngibonga uMdali ngokungibe­ka lapho engikhona nabazali ngokungese­ka ukuze ngifinyele­le lapho engikhona ngoba kungenxa yabo.”

Mayelana nomklomelo, uMaluleke uthe: “Lokhu kuyinto enkulu. Kukhombisa ukuthi abantu bayangilan­dela futhi bayakubona engikwenza­yo. Ngiyabonga kubantu abangivote­lile.”

IPolokwane iphuma esibhaxwin­i sika 2-1 esithole kwiPirates ngoLwesibi­li ebusuku. NgeSonto izovakashe­la AmaZulu emdlalweni wePremiers­hip eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. “Siphatheke kabi ngokuhlulw­a yiPirates kodwa ngeke sigxile kosekwedlu­le ngoba lokhu kuyingxeny­e yomdlalo webhola. Kufanele sigxilise imiqondo yethu kuMaZulu.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa